
USaleng uthe ‘kwagogo eZola’ iChippa izama ukubajivaza
- Sibongiseni GUMBI
Ukunqoba kwe-Orlando Pirates ngokuthi ilwe kade seyilandela emuva futhi ithole igoli esikhathini esengeziwe kwenyuse amathemba kubalandeli.
Phela iPirates iyona ebhekwe ukuthi ihubhane neMamelodi Sundowns ngenhloso yokuyibangisa isicoco seBetway Premiership.
Okubuyise ithemba wukuthi ikwazile ukunqoba kulo mdlalo yize beyingadlali kahle futhi kade sekubukeka umdlalo uzophela zibambene.
IChippa izame ukushipha kudliwa e-Orlando Stadium ngesikhathi ishaya igoli kuqala kulo mdlalo ngoLwesithathu ebusuku.
U-Andile Jali uyibeke phambili ngegoli elihle alishaye engaphandle kwebhokisi, wezwa ngokuthula kwabalandeli uSipho Chaine ukuthi seligaxele enethini.
Nokho kuyiwe ekhefini sezibambene kulandela ukuthi uTsgegofatso Mabasa evalele phakathi iphenathi esazokhulumisa nokho.
UMonnapule Saleng ushaye elokunqoba sekusesikhathini esengezwe unompempe ukuqinisekisa ukuthi amaphuzu asala kwiPirates.
OLUNYE UDABA: IPirates ishaye ‘isiSundowns’ ngemboleke iChippa
Umdlalo olandelayo wePirates kuzoba ngowomlenze wesibili kweyokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League.
