Ezintsha

IChippa isibheke ukuqasha umqeqeshi wesithupha kule sizini

IChippa United isezinhlelweni zokuqoka umqeqeshi wayo wesithupha kule sizini.

Sekuvele ukuthi ibheke ukuletha uBrandon Truter ngaphambi komdlalo wayo wokugcina obalulekile weBetway Premiership neKaizer Chiefs.

Leli qembu lase-Eastern Cape selicijwe abaqeqeshi abahlanu kule sizini iyodwa.

Liqale umkhankaso ngaphansi kukaSinethemba Badela ngaphambi kokuthi uMusa Nyatama athathe izintambo.

UNyatama uthathelwe nguLuc Eymael umsebenzi. Kube sekubuyiswa uVusumuzi Vilakazi kulandela ukubhimba kwezinto ngaphansi kuka-Eymael.

Kodwa naye ube esegajwa, kwathi obeyiphini lakhe uHlanga Dikeni wathatha izintambo.

Naye kuyambhedela njengoba umphumela wangempelasonto edlule kuthiwa ushiye abaphathi bekhathazekile. 

Yingakhoke iChippa manje seyibheke ukunika uTruter ithuba lokuthi ayivikise izembe.

Ngokombiko weSABC Sport, uTruter ubonakale la kuziqeqesha khona leli qembu ngoMsombuluko ntambama.

Kuvela ukuthi izingxoxo ngokuhlala isikhathi eside zizoncika ekutheni iChippa iyasinda yini ezembeni ukuze iqhubeke nokuhlala kwiBetway Premiership.

IChilli Boys isengcupheni yokungena emidlalweni yokuhlunga uma ihlulwe yiChiefs bese eminye imiphumela yamanye amaqembu ecuthelwe yizembe nawo iyiphike.