
Uyise uveza okwenza uMofokeng agabhe iDowns, aye kwiPirates
U-Relebohile Mofokeng wayengase agqoke ijezi leMamelodi Sundowns namuhla, kodwa wakhetha i-Orlando Pirates yize yayimthembisa iholo eliphansi kakhulu kunalelo lamaBrazilians.
Uyise walo mdlali, uSechaba Mofokeng, useveze ukuthi iSundowns yayifuna ukuthatha indodana yakhe iyodlala eqenjini layo lika-Under-19.
Yayithembisa ukuthi uma enza kahle lapho uzokhushulelwa eqenjini leDStv Diski Challenge (DDC).
NgokukaSechaba, iSundowns yayizimisele ngokukhokhela uRelebohile u-R15 000 ngenyanga.
Kodwa iPirates yona yayimnika ithuba lokudlala kwiDDC futhi yamholela u-R6 000 kuphela ngenyanga.
Ekhuluma ohlelweni i-Giants, uSechaba ulandise ukuthi kwenzekani ngesikhathi umndeni usalinde ukwenza isinqumo ngeSundowns.
“Sathembisa ukuthi sizobuyela kubo ngoLwesibili. Kodwa ngoLwesibili ekuseni kwavele kwathushuka abantu bePirates.
“Bathi bathunye uKhoza ngoba efuna ukusayina uRele,” kulandisa uSechaba.
Kwase kusele isinqumo esinzima: ukuthi u-Relebohile ukhetha iSundowns eyayithembisa u-R15 000 noma i-Orlando Pirates eyayinikela ngo-R6 000.
USechaba uthi wanika indodana yakhe ithuba lokukhethelaa, wazama nokuyichazela umehluko wemali eyayizoyithola.
“Ngathi konke sekusele kuwe, mngani wami. Uma ukhetha uYellow, bazosinika u-R15 000 ngenyanga. Uma uya kwiPirates, bazokunika u-R6 000,” kusho yena.
Nokho, u-Relebohile Mofokeng wayengafuni ukushintsha umqondo. Wacela ukuyogeza, wathi uzobuya nesinquma ngemuva kwalokho.
Ekubuyeni kwakhe wabe esekubeka kwacaca ukuthi yena ucela ukuya kwi-Orlando Pirates.
USechaba uthi wabuza indodana yakhe ukuthi kungani ikhetha iqembu laseSoweto yize iholo lincane.
“Wathi iningi labadlali bePirates lisuka kwiDDC liye eqenjini elikhulu,” kuchaza uyise.
- FUNDA NALA | ElePSL liphucwe amaphuzu lithola linecala
Leso sinqumo sagcina sibe yisona esibalulekile emsebenzini kaRelebohile.
Wadlula ezinhlelweni zokuthuthukisa abadlali zePirates, washeshe wangena eqenjini elikhulu, futhi kumanje ungumdlali obalulekile kwiBafana Bafana.
IPirates ayizange imvimbe uma sekuvela ithubalokuthi aye phesheya njengoba kumanje esedlala kwiRoyal Union Saint-Gilloise yaseBelgium.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
