
UMcCarthy usathembisa lukhulu eKenya yize ehluliwe
Ingwazi yeBafana Bafana, uBenni McCarthy, ifunge yagomela ukuthi izokwakha iqembu lesizwe lase-Kenya elizodla umhlanganiso ebholeni lase-Afrika.
Lokhu ukusho naphezu kokuhlulwa ekhaya ngo 2-1 yiGabon emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngeSonto.
UBenni McCarthy, oqokwe njengomqeqeshi weKenya ngoMashi 3, uvumile ukuthi isikhathi esifushane abe naso neqembu simkhubazile.
Uthe akakwazanga ukwenza izinguquko ezidingekayo njengoba engabanga nesiikhathi esanele sokuqonda kahle abadlali bakhe.
“Ngibe lapha isikhashana nje, futhi akukuningi ongakushintsha ngesonto elilodwa.
“Kodwa siyakubonga ukwesekwa ngabantu baseKenya,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.
Athikithi alo mdlalo weGabon adayise ubuthaphuthaphu ngemuva komdlalo wokuqala kaBenni McCarthy ephethe iHarambe Stars.
Inkundla beyigcwele phama, futhi abalandeli bemagange, becula, bedansa belindele umdlalo omuhle kodwa baphoxeka ngomphumela.
“Bekungenye yezinto ezizohlale zikhumbuleka kakhulu engake ngazibona —ngisho ngesikhathi sami ngisadlala e-Europe.
“Yilokhu ke i-Afrika okufanele yaziwe ngakho,” kwengeza lo mqeqeshi oseke wacija iCape Town City naMaZulu phambilini.
Yize ehluliwe uBenni McCarthy usenethemba ngekusasa nge-Kenya, futhi uthembisa ukwakha iqembu izwe elizoziqhenya ngalo.
“Besifuna ukuwina, kodwa uma kungenjalo, okungenani bekumele sidlale ngokulingana.
“Ngeshwa, asikwazanga ukunikeza abalandeli leyo njabulo,” kuvuma yena.
“Kodwa sizothuthuka. Sizoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Iqembu lizokhula libe namandla.”
I-Kenya manje isisele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiGabon eqhwakele eqoqweni labi.
EzikaMcCarthy zisaqoqe amaphuzu ayisithupha kuphela nje emidlalweni eyisithupha.
Amathuba okungena kwiNdebe yoMhlaba okokuqala aseshabalele, futhi manje sekumele bagxile kwi-Africa Cup of Nations ka-2027.
IKenya izokwengamela lo mqhudelwano ngokubambisana ne-Uganda neTanzania.
Ngaphambi kokuthi ahlulwe ngeSonto, uBenni McCarthy ubethembise ukuthi uzoqopha umlando ngokufaka i-Kenya okokuqala ngqa eNdebeni yoMhlaba.
Lokhu bekugqugquzelwe yindlela iqembu lakhe elilwe ngayo, libuya kade selilandela emuva ngo 2-0 libambana ngo 3-3 neGambia emdlalweni wakhe wokuqala.
