EzintshaKaizer Chiefs

Libongwe ngemoto ‘isosha’ eligile iChiefs kwiConfed Cup

IRed Arrows yaseZambia ayigcinanga ngokukhipha i-Kaizer Chiefs kwiCAF Confederation Cup, kodwa isiphinde yaklomelisa umqeqeshi wayo, uChisi Mbewe, ngemoto yohlobo lweToyota Mark X.

UMbewe uthole le moto ngemuva kokuholela iRed Arrows esigabeni samaqoqo kwiConfed Cup okokuqala emlandweni wayo.

IRed Arrows ikhiphe Amakhosi kabuhlungu ngemuva kokunqoba sekukhahlelwa amaphenathi. 

Lokhu kulandela ukuthi amaqembu abambane ngo 1-1 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze yomibili.

Ngokwesitatimende esikhishwe yile kilabhu ngoMsombuluko, uLieutenant General Oscar Msitu Nyoni, oyinhloko yeZambia Air Force, ufeze isithembiso sokuhlinzeka uMbewe ngemoto ezomsiza emsebenzini wakhe.

“Umkhuzi weZambia Air Force (ZAF), uLt Gen Oscar Msitu Nyoni, usifezile isithembiso sakhe sokusiza uChisi Mudala Mbewe, ongumqeqeshi weRed Arrows Football Club, ekwenzeni imisebenzi yakhe ngokumnika imoto esemthethweni ephuma ezimotweni zeZambia Air Force,” sifundeka kanjalo isitatimende.

Siqhube sathi imoto inikezwe uMbewe ngoMsombuluko kulandela impumelelo yeRed Arrows yokufinyelela esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup.

“Ekhuluma ngesikhathi kunikezwa imoto ekomkhulu leZambia Air Force, uLt Gen Nyoni uthe ukunikezwa kwemoto kuyingxenye yesiko le-Air Force, lapho umqeqeshi weRed Arrows enelungelo lokuthola imoto esemthethweni ezomsiza ekufezeni imisebenzi yakhe,” kuqhubeka isitatimende.

Ngokusho kwale kilabhu, isinqumo silandela isicelo sikamengameli weRed Arrows sokuthi umqeqeshi ahlinzekwe ngemoto.

“Umkhuzi uthe iqembu lifinyelele emqhudelwaneni wezwekazi ngesikhathi esifanayo nokugcwaliseka kwalesi sithembiso, ngaleyo ndlela kwaba nethuba lokunikeza uWarrant Officer Class Two Mbewe imoto ngokusemthethweni,” kusho isitatimende.

UMbewe uyisosha leZambia Air Force eliphethe isikhundla seWarrant Officer Class Two.

Lezi zindaba zingase zibe buhlungu kubalandeli be-Kaizer Chiefs, njengoba iRed Arrows igubha umlando wayo ngokuklomelisa umqeqeshi ngemoto.

Amakhosi wona asazama ukubuyisa ukuzethemba ngemuva kokuphuma kwiConfed Cup nangaphambi kweSoweto Derby ne-Orlando Pirates.

IRed Arrows yona isilungiselela ukubonakala kwayo okokuqala esigabeni samaqoqo salo mqhudelwano.