
Liphucwe amaphuzu elePSL lilahlwa yicala
Iqembu elidlala esigabeni sePSL, iMotsepe Foundation Championship lilahlwe yicala lokwephula imithetho yale nhlangano.
Iisigwebo sibe ngesiqinile njengoba liphucwe amaphuzu amathathu elaliwaqoqe kulo mdlalo okuthiwa lenza kuwo icala.
IGomora United kutholakala ukuthi yephule imithetho yeligi ngesikhathi ibhekene neVenda FC.
IGomora yanqoba lowo mdlalo owawuseMalamulele STadium ngo-Agasti 29 ngo-1-0, kodwa lowo mphumela sewujikiwe yikomidi lePSL eliqondisa ubugwegwe.
Ngokombiko we-FARPost, iGomora itholakale inecala lokwephula uRule 35.2 weNational Soccer League Handbook, ophathelene nokusetshenziswa kwabadlali abaneminyaka egaphansi kuka-23.
Lo mthetho uphoqa amaqembu adlala kwiMFC aqale umdlalo okungenani ngabadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engu-23, abangabokudabuka eNingizimu Afrika.
Kumele futhi leli nani lihlale likhona enkundleni kuyo yonke imizuzu engu-90 yomdlalo.
Ukwehluleka ukulandela lo mthetho kungaholela ekutheni iqembu lithathwe njengelihlulwe kulowo mdlalo.
Ngenxa yalesi sinqumo, iVenda FC inikwe amaphuzu amathathu ngokunqoba ngo 3-0, kwathi iGomora yaphucwa.
Lesi sinqumo sishintshe isimo selogi yeMotsepe Foundation Championship ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.
- FUNDA NALA | Kunyuke izimendlela kuMusona kwelakubo
IGomora yehlele endaweni ka-13 ngamaphuzu ayisishiyagalombili, kanti iVenda inyukele endaweni ka-14 ngamaphuzu amane, yasuka endaweni eseduze kakhulu nomsila weligi.
IVenda nokho isayishiya ngephuzu elilodwa kuphela iThe Bees FC esendaweni yokugcina.
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
