
Umunyu uMaseko ‘ebalisa’ ngesimo abhekene naso kwiDowns
Umdlali ophelelwe yindawo kwiMamelodi Sundowns u-Thapelo Maseko useshiye abalandeli bekhathazekile ngemuva kokufaka umyalezo othinta inhliziyo ezinkundleni zokuxhumana njengoba ikusasa lakhe lingacaci.
Kubikwa ukuthi iSundowns izimisele ukumdayisa, kodwa ifuna ajoyine iqembu elingaphandle kweNingizimu Afrika njengoba ingafuni ukuqinisa izimbangi zayo kwiBetway Premiership.
Ngemuva kokusabalala kwale mibiko, uMaseko ubhale ku-Instagram wathi: “Cishe kuyadlalwa.”
Umthombo uthe lo myalezo ububhekiswe embikweni wokuthi iSundowns ifuna ayodlala phesheya, okuyinto okuthiwa akayifuni.
Kamuva lo mdlali ubhale omunye umyalezo omude oveze ukuthi akamuhle kahle ngokomqondo.
“Angisazi ukuthi kwaqala nini, kodwa sengizwa sengathi ilangabi elingaphakathi kimi liyacima,” kubhala yena.
Uthe usaqhubeka nokuziqeqesha kanzima kodwa ngaphakathi uzizwa engenalutho, kanti uthando lwakhe nentshisekelo yakhe ngebhola sekuya ngokuya kuphela.
U-Thapelo Maseko uthe ithemba selibonakala likude, futhi akasazi ukuthi uzophinde yini abuye azizwe ngendlela ayekade ezizwa ngayo ngaphambili.
“Ngisaqhubeka nokuziqeqesha sengathi impilo yami incike kukho… kodwa ngaphakathi ngizizwa ngingenalutho.
“Umdlalo owawukhanyisa umphefumulo wami usungizwisa okuhlukile. Usunzima futhi uyabanda.”
U-Thapelo Maseki uthi yize esaqhubeka nokusebenza kanzima, uzizwa sengathi akekho ombonayo, kanti ukuzethemba kwakhe nothando lwakhe ngebhola sekuya ngokuya kunyamalala.
“Indlala yempumelelo, injabulo nothando lokusebenza kanzima bekulokhu kunyamalala kancane kancane.
- FUNDA NALA | UMabasa ubhoboka ngerekhodi lePirates
“Manje ithemba selibonakala likude kakhulu, sengizibuza ukuthi ngiyoke ngiphinde yini ngibuyele kuleyo ndawo engangikuyo phambilini.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
