
SEKUSEMTHETHWENI: IPirates isimtholile ebimfuna kwiStellies
I-Orlando Pirates isimemezele ngokusemthethweni ukusayinisa umdlali wasesiswini weStellenbosch FC.
Lokhu kwenzeka njengoba iqhubeka nokuqinisa isikwati ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27 yeBetway Premiership.
AmaBhakabhaka aqinisekise ngoLwesithathu ukuthi uThapelo Mokobodi oneminyaka engu-23 usayine inkontileka yeminyaka emithathu futhi usejoyine ozakwabo ekhempini yeqembu.
UMokobodi ungomunye wabadlali abasha abalethelwe iqembu njengoba umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou eqhubeka nokwakha isikwati esizoncintisana kwiBetway Premiership, izinkomishi zasekhaya neCaf Champions League.
Ekhuluma ngemuva kokusayina, uMokobodi uthe ujabule kakhulu ngokuthola leli thuba lokudlalela elinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika.
“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha futhi ngilangazelela ukuhlangana nabanye abadlali eqenjini,” kusho uMokobodi.
“Kuyithuba elikhulu ukudlalela iqembu elifana ne-Orlando Pirates. Sengikulungele ukuqala umsebenzi futhi ngifuna ukufaka isandla empumelelweni yaleli qembu elikhulu.”
IPirates iphinde yamemezela ukuthi uMokobodi uzogqoka ijezi elingunombolo 33 kule sizini. Le nombolo beyisetshenziswa uLebone Seema ngesizini edlule.
- FUNDA NALA | U-Ouddou uveza icebo lokuvala esikaMofokeng
Abalandeli bazobe sebebheke ngabomvu ukubona ukuthi lo mdlali uzokwazi yini ukuzibonakalisa ngokushesha njengoba i-Orlando Pirates ilungiselela ukuqala isizini entsha.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
