
Uzolala ebaliwe obanjwe edayisa amathikithi eNedbank Cup
Sekunomsolwa oboshwe ngamaphoyisa ngemuva kokubanjwa edayisa amathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup eThekwini.
Ngokwesitatimende esifushane samaphoyisa, lo mlisa ubanjwe namathikithi ayaye aphiwe abalandeli mahhala.
Kodwa yena ubewadayisa, futhi ephethe namabhande asesihlakaleni enzelwe abantu abazobe besebenza ezindaweni ezahlukene ngaphakathi enkundleni.
Akukacaci noma ubedayisa yini nawo lamabhande asesihlakaleni.
Amaphoyisa abexwayisile ngalezi zenzo ngesikhathi kulungiselelwa lo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium.
“Umsolwa oyedwa uboshiwe ngemuva kokutholakala edayisa amathikithi osuku lomdlalo anikezwe abaxhasi.
“Uphinde watholakala enamabhande asesihlakaleni okuhloswe ukuthi asatshalaliswe kubahlinzeki bezinsizakalo,” besifundeka kanje lesi sitatimende.
