
UMlungisi Mokwena uphawula ‘ngeyokuzolungisa’ iChiefs
Abalandeli beKaizer Chiefs abasalali becabanga ngezinsuku lapho uRulani Mokwena ezobe ecija khona leli qembu labo.
Kodwa ke lo mqeqeshi usevele wawathela ngamanzi abandayo amahlebezi okuthi uzojoyina leli qembu elizinze eNaturena ngesizini ezayo.
Bese kusabalele amahlebezi okuthi amakilabhu amakhulu kuleli, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ahlela ukuhlela kabusha amathimba abaqeqeshi ngesizini ezayo.
Kubikwa ukuthi iSundowns ikhuluma nowayengumqeqeshi wayo phambilini uPitso Mosimane ngokumbuyisa azothatha isikhundla sikaMiguel Cardoso.
IKaizer Chiefs yona kuthiwa ikhuluma noRulani Mokwena ukuthi eze azokwakha kabusha iqembu ngemuva kokuxosha uNasreddine Nabi ekuqaleni kwale sizini.
UKhalil Ben Youssef noCedric Kaze banikezwe umsebenzi wokucija iqembu okwesikhashana kuze kuphele le sizini.
Kodwa ekhuluma no-Andile Ncube kwiSports Night Amplified kuleli sonto, uMokwena uwachithile lamahlebezi.
Njengamanje uMokwena ukwiMC Alger yase-Algeria lapho iqembu lakhe lizihola phambili ngamaphuzu angu-12 esicongweni selogi yeLigue 1.
“Cha, cha, cha,” usho kanje uma ebuzwa ukuthi ngabe ikhona yini ingxoxo ekhona ngokubuyela eNingizimu Afrika.
“Ngijabule kakhulu lapha engikhona. Nginenkontileka lapha futhi ngijabule kakhulu lapha.”
Uveze ukuthi njengamanje usezingxoxweni neMC Alger mayelana nokwelula inkontileka yakhe ngale kwale sizini.
“Cha. Eqinisweni, izingxoxo enginazo njengamanje ngezeMC Alger ngenkontileka entsha ukuze ngelule isikhathi sami lapha.
“Yizo kuphela izingxoxo ezikhona njengamanje,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-39 eyayingumqeqeshi we-Orlando Pirates neSundowns phambilini.
FUNDA NALA | Sibheka abaphelelwa yindawo kwiChiefs
Njengoba uMokwena ephika ukuthi uza kwiChiefs, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi lezi ziqhwaga zaseSoweto zizoqasha muphi umqeqeshi.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
