
Ezintsha ngecala lokubulawa kukaLuke Fleurs weChiefs
Icala elibekwe amadoda ayisithupha asolwa ngokuduna nokubulala owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs uLuke Fleurs lihlehlisiwe ngoMsombuluko.
Lokhu kuhlehliswa kwaleli cala kube ngenxa yokunqamuka kukagesi eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGoli.
Icala libandakanya amadoda ayisithupha — uNdumiso Moswane (26), uFernando Sive (25), uNhlakanipho Dlamini (21), uFranky Xaba (25), uMaredi Mphahlele (36), noThembinkosi Hlomikhawu (31).
Bekumele bavele eNkantolo eNkulu yaseGoli ehlezi ePalm Ridge ngoMsombuluko ekuseni.
Nokho, isakhiwo senkantolo sisale sisebumnyameni kulandela ukunqamuka kukagesi okwenzeke ekubeni bekuvele kunenkinga yamanzi.
Umshushisi wombuso u-Advocate PT Mpekana utshele iJaji uCassim Moosa ukuthi lesi sikhungo bese kuphele izinsuku ezingu-19 singenawo namanzi, ngisho nezindlu zangasese bezingasebenzi.
Njengoba ukuqulwa kwamacala bekwenziwa khona ebumnyameni, uMpekana ucele ukuthi kuhlehliswe.
Abameli babammangalelwa abazange bakuphikise lokhu. Abasolwa basavalelwe njengoba izicelo zabo zokudedelwa ngebheyili zachithwa yinkantolo ngoMeyi.
Abasolwa bebevele bengalethwanga enkantolo ngenxa yezinkinga eziqhubekayo zamanzi nogesi.
INational Prosecuting Authority (NPA) ihlela ukubiza ofakazi abangu-40 ukuthi bazofakaza ngesikhathi sekuqulwa icala.
ULuke Fleurs wayesanda kujoyina iKaizer Chiefs ngesikhathi edutshulwa kudunwa imoto yakhe ngo-Ephreli 3 nyakenye egalaji likaphethiloli eliseFlorida, eRoodepoort.
Oshayasibhamu ababili bavulela ngenhlamvu qede babaleka endaweni yesigameko ngeVW Golf 8 GTI yakhe.
Imoto yatholakala ngokuhamba kwesikhathi isicandiwe futhi abasolwa abayisithupha baboshwa eSlovoville, eSoweto ngasekupheleni kwaleyo nyanga.
Babhekene namacala okubulala, ukugebenga ngezimo ezimbi, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
Icala kulindeleke ukuthi liqhubeke ngoMsombuluko ozayo — inqobo nje uma inkinga kagesi namanzi enkantolo seyilungisiwe.
