
Inkinga kwiChiefs kulimala ababili abamqoka
I-Kaizer Chiefs ibhekene nenkinga yokulimala kwabadlali ababili ababalulekile ngaphambi komdlalo wayo wokugcina ngaphambi kwekhefu leFIFA.
Unozinti uBrandon Petersen ulimale edolweni langakwesokunxele ngesikhathi ezilolonga ngoLwesibili ekuseni.
IChiefs isiqinisekisile ukuthi uzohlala ngaphandle amasonto amane kuya kwayisithupha.
“Ulimale umsipha we-medial collateral ligament edolweni langakwesokunxele futhi manje uzoqala uhlelo lokwelashwa,” kusho ikilabhu.
UPetersen uqale yonke imidlalo kusukela kuqale isizini ngo-Agasti, nakuba ebhekane nengcindezi ngemuva kwamaphutha alimaze iqembu.
Nomgadli osemncane, uWandile Duba uzohlala ngaphandle cishe amasonto amabili ngenxa yokulimala okuthinta inyonga nendawo ephakathi kwethanga nesisu.
UDuba ubesemgqigqweni omuhle kusukela uqale isizini futhi useshaye amagoli amathathu.
“Unenkinga encane kule ndawo ethintekile, kanti ithimba lezempilo lizomqapha eduze ngesonto elizayo ngaphambi kokunquma isinyathelo esilandelayo.”
Bobabili bebeyingxenye ebalulekile ekuqaleni okuhle kwaMaKhosi kule sizini.
“Bobabili badlale indima ebalulekile ekuqaleni okuhle kweKaizer Chiefs kule sizini, kanti ukungabikho kwabo kuzozwela,” kusho ikilabhu.
- FUNDA NALA | ISiwelele sicacisa ekaSeema noJackson
I-Kaizer Chiefs izobhekana neGolden Arrows eMbombela Stadium ngeSonto ntambama ngaphambi kwekhefu leFIFA.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
