EzintshaOrlando Pirates

Ubambe izinyembezi uMbekezeli Mbokazi evalelisa kuRiveiro

UMbekezeli Mbokazi ngomunye wabadlali abasebancane abanikwe ithuba futhi bakhonjiswa ukwethenjwa uJose Riveiro esikhathini sakhe kwiPirates.

Lo mqeqeshi ubesebhentshini okokugcina ngesikhathi iPirates ishaya iGolden Arrows ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership.

Lo mdlalo bewuse-Orlando Stadium ebigcwele phama abalandeli nabo bezovalelisa kahle kulo mqeqeshi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMbekezeli Mbokazi, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, uveze ukubonga kwakhe.

“Besikufuna kakhulu lokhu kunqoba kwazise sisuka ekuhlulweni okungabajabulisanga abalandeli,” kusho uMbokazi.

“Yingakho besidlala ngakho konke esinakho ukuqinisekisa ukuthi siyawunqoba lo mdlalo.

“Siyabonga kubaqeqeshi ngolwazi namacebo okuthi sidlale kanjani. 

“Bese ngibonga nala ngisuka khona (eMtubatuba). Bebengithumelela imilayezo bengifaka ugqozi.”

Ube esebuzwa ngokuhamba kukaJose Riveiro okhululwe ukushiya ingakapheli inkontileka yakhe.

“Iqembu nje lonke, besivele sesazi ukuthi uyahamba. Besifuna ukuvalelisa ngokunqoba, ahambe ejabulile, engahambi ehluliwe.

“Yingakho besidlala ngokuzikhandla kanje, sonke sizimisele,” kuqhuba lo mdlali obizwa ngelikaTLB.

Ube esephawula nangemizwa yakhe ngokuhamba kukaRiveiro, wathi kusazothatha isikhathi ukukwamukela kahle.

“Akukho mnandi enhliziyweni. Kodwa ke ngoba okwasebholeni vele kuyogcina kudlulile,” kuqhuba uMbekezeli Mbokazi.

“Kodwa okwamanje kona hhayi, angikho esimweni esihle ngokuthi uyasishiya – besisamthanda.

“Useyohamba kahle, sisazomthanda. Futhi nomqeqeshi ozayo sizomamukela ngezandla ezimhlophe,” kuchaza yena. 

“Into angenzele yona wukuthi ungifake ukuzethemba, wangifaka wathi angidlale ngikhululeke yonke into izoba lula.

“Nakhu manje sengiyadlala, angisathuki ngoba wanginika ithuba, wangitshela ukuthi angingajahi, angikhululeke ngenze engikuthandayo emdlalweni.” 

Amagoli ePirates kulo mdlalo ashaywe oTshegofatso Mabasa, uBandile Shandu noKabelo Dlamini.