
URulani Mokwena ubalula akuhlose nge-MC Alger
URulani Mokwena usebuyele ebhentshini— kulokhu neMC Alger, enye yamakilabhu amakhulu enhla ye-Afrika.
Le nsizwa eke yaqeqesha iMamelodi Sundowns neWydad AC yethulwe njengomqeqeshi omusha ngesonto eledlule.
Uthathe izintambo kuKhaled Ben Yahia, inkontileka yakhe yesikhashana ephele uma kusongwa isizini la iMC Alger idle kuwo izicoco ezimbili.
Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika oneminyaka engu-38 ubudala ufika nenhloso ecacile: ukuguqula iMC Alger ibe ngelinye lamaqembu asezingeni eliphezulu e-Afrika.
“Inhloso yami enkulu ukusiza iMC Alger ibe ngenye yamakilabhu ahamba phambili ezwenikazi,” kusho uRulani Mokwena.
Ubekhuluma esithangamini sakhe sabezindaba sokuqala njengomqeqeshi weqembu e-Algiers ngoMsombuluko ntambama.
“Umsebenzi wangempela yikhathi uqala manje. Ngeke kube lula, kodwa sesiyilungele inselelo.”
I-MC Alger iwine i-Algerian Ligue 1 neSuper Cup ngesizini edlule. URulani Mokwena uthi ukuvikela lezi zicoco yinto ephambili kuye — kodwa ufuna okwengeziwe.
“Ngiyaziqhenya ngokujoyina ikilabhu esanda kuphakamisa izindebe ezimbili. Kodwa manje kufanele siqhubekele phambili.”
Lo mqeeshi wenqaba isicelo seSiwelele FC sokubuyela kwiPSL ngaphambi kokwamukela umsebenzi walabompetha base-Algeria.
URulani Mokwena kubonakala elwenzile ucwaningo olufanele ngaphambi kokuthatha lo msebenzi wakhe omusha.
Ucwaninge ngebhla lase-Algeria, wahlaziya iqembu lakhe, futhi uyazi ukuthi le ligi yase-Algeria ayilula neze.
“Igebe phakathi kwamaqembu amathathu aqede phezulu ngesizini edlule belilincane kakhulu.
“Lokhu kukhombisa ukuthi le ligi inzima kangakanani,” kwengeza lo mqeqeshi ongomunye wabasebancane ebholeni lase-Afrika.
Uncome uBen Yahia ngokwakha udonga lwasemuva oluqinile kodwa waveza ukuthi yena uzokwengeza izindlela ezihlukene zokuhlasela.
Njengamanje iMC Alger inabadlali abathathu bangaphandle kwase-Algeria kanti lokhu kuyishiya nesikhala esisodwa sokwengeza omunye.
Njengoba leli qembu linezindawo nezinsiza zokuziqeqesha ezisezingeni eliphezulu futhi linezifiso eziphezulu, uMokwena uzibona esezulwini elincane.
Nokho ke kuzomele umsebenzi wakhe usheshe ubonakale ngemiphumela ukugwema okumenze kwiWydad emxoshe ingakapheli isizini.
