EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates isijahe ukujabulisa abalandeli – Ouaddou

Lo mphumela uqede uhambo oluhlanganisa imidlalo emine okuhlanganisa ukuhlulwa ngo 2-0 yiBolton Wanderers, ukubambana ngo 1-1 nompetha baseCyprus, iPafos, no 0-0 neLas Palmas.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou ujabulile ngenqubekela phambili ekhona eqenjini lakhe ayibone eSpain.

“Bengivele ngibathemba abadlali bami,” kusho u-Ouaddou kwabezindaba beqembu. “Sisebenze kanzima ukwakha ukuzethemba kwabo… 

“Sakhe ubumbano, futhi sakhula kancane kancane saze saphetha ikhempu ngokuwina — okuyinto enhle ukuqinisa ukuzethemba eqenjini.”

Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates ukugcizelele ukuthi ukudlala, hhayi nje imiphumela, kunezinkomba ezinhle nezithembisayo. 

“Kusukela ekuqaleni, siye ngokuqina ejimini, saqina isifiso sethu sokudlala ngokuya phambili, namathuba esiwakhile — konke lokho kuyasikhuthaza.”

Manje u-Ouaddou usezojika amalungiselelo abheke ngqo emqhudelwaneni weMTN8 la bezobhekana khona nePolokwane City ngo-Agasti 2 e-Orlando Stadium.

Iqembu lizothola ikhefu elincane ngaphambi kokubuyela eGoli, lapho abalandeli bezogcina bethole ithuba lokubuka amaBhakabhaka abunjwe kabusha edlala.

“Sesikujahile ukubuyela ekhaya,” kwengeza u-Ouaddou. “Abalandeli balinde ukubona leli qembu elisha, futhi asisakwazi ukulinda ukudlala phambi kwabo.”

Uhambo lwaseSpain belwenzelwe ukuhlola izinhlaka ezehlukene zokudlala kusetshenziswa abadlali abahlukene nokulungiselela isizini ende ezayo.

Futhi uma ubheka indlela eluphethe ngayo uhambo lwayo, i-Orlando Pirates iyawubamba umgqigqo wayo ngesikhathi esifanele.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO