EzintshaNedbank Cup

UMiguel Cardoso usale ebubula ngegoli eligingqe ezakhe

IMamelodi Sundowns iphendulwe iminqolo ihlulelwa ekhaya ngo 2-1 yiKaizer Chiefs emdlalweni owandulela owamanqamu ngeSonto. 

Amakhosi abuye kade eselandela ngemuva ngo 1-0, futhi kubukeka iSundowns izozihubuluzela nje.

ISundowns ihambe phambili ngomzuzu wokugcina ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini ngegoli likaTeboho Mokoena.

Lo mdlali oyisihlabani nakwiBafana Bafana ushaye elihle ibhola kade kuyibhola elibekwe phansi (free kick).

Uzwe ngenhlokomo yabalandeli unozinti weChiefs uBruce Bvuma ukuthi seligaxele enethini ngemuva kwakhe. 

Nokho esiwombeni sesibili iChiefs ikwazile ukubuya ishaye amagoli amabili. 

UWandile Duba nguye oshaye elesibili, wabe esephuma ededela u-Ashley Du Preez ofike washaya elesibili.

Yileli likaDu Preez elingehlanga kahle kuMiguel Cardoso waze waphatha umakhalekhukhwini eseyokhuluma nabezindaba ukuze abakhombise okwenzekile.

Ube eseveza imifanekiso yevidiyo nezithombe okukhombisa ngokusobala ukuthi uDu Preez ulishaye esendaweni engamfanele leli goli. 

“Bashaye igoli besendaweni engafalene (offside),” kusho uMiguel Cardoso ekhombisa ngomakhalekhukhwini wakhe.

“Uma ungabonanga kahle, hamba uyobukisisa ngoba kusobala ukuthi ubesendaweni engamfanele. 

“Kodwa ke uma usebenza ezweni elingenayo iVAR, kwenzeka izinto ezinjena.” 

Khona imifanekiso yevidiyo iyakhombisa ukuthi uDu Preez ubekade ephambili kunabadlali beSundowns, wabe esezama ukubuya.

Kodwa ube esebona ibhola ligotshwa, wabe eseyabuya kuqala futhi kunabo wazolinamathisela enethini. 

Yize ebubula kanje uMiguel Cardoso, akusekho ukujika ngoba iMamelodi Sundowns seliphumile iphumile kulo mqhudelwano.

Amakhosi yiwona aseyodlala owamanqamu ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMeyi 10.