EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Ubhokoka ngekusasa oweStellies ofiswa awaseSoweto

Umdlali wasemuva weStellenbosh FC, u-Olivier Toure usetshele iLisenethini ngezinhlelo zakhe kuleli qembu, nekusasa lakhe. 

Ekhuluma kanzima, epatanisa isiNgisi kwazise yena ukhuluma olwaseFrance, uToure uthe ufuna ukuhlala iminyaka emibili kwiStellies bese edlulela phambili.

“Angifuni ukuhlala isikhathi eside. Ngifuna ukuhlala amasizini amabili bese ngemuva kwalapho ngiyofuna amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle,” kusho uToure.

Uphinde waveza ukuthi yena ngeke adlalele elinye iqembu laseNingizimu Afrika uma ngabe kuphela inkontileka kwiStellies. 

Phela ubeke wamataniswa nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs, ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini.

Kodwa wagcina ngokuthi angasayini kulamaqembu, waqoka ukuvuselela inkontileka neStellenbosh FC, engeza iminyaka embili.

UToure ungomunye wabadlali beStellenbosh FC abangumgogodla nezethenjwa zikaSteve Barker. 

Khonamanjalo, iStellenbosh FC ihluliwe kabuhlungu yiRS Berkane ngo 3-1 emdlalweni weCaf Confederation Cup eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.

Umqeqeshi, uSteve Barker utshele iLisenethini ngemuva komdlalo ukuthi abadlali bakhe bebexega kakhulu kulo mdlalo.