EzintshaOrlando Pirates

Ufunwa enhla ne-Afrika okhuhla ibhentshi kwiBucs

Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uKarim Kimvuidi, usehehe isasasa emaqenjini ehlukene ezwenikazi.

UKimvuidi, ojoyine amaBhakabhaka esuka kwiMaritzburg United (manje eyaziwa ngeDurban City) ngoJuni nyakenye.

Nokho udonse kanzima ekutheni angene eqenjini eliqala imidlalo kuze kube manje. 

Ngemuva kokudlala imidlalo engu-22 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule, lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usedlale imidlalo eyisithupha kuphela kule sizini.

Ushaye igoli elilodwa kwiCaf Champions League bebhekene neDisciples emzuliswaneni wokuqala walo mqhudelwano.

Okuvelayo manje wukuthi lo mdlali wasesiswini waseCongo akaneme ngokweqiwa yijezi futhi usefuna ukuphuma noma abolekiswe.

Nokho iPyramids yase-Egypt, iSimba SC yaseTanzania ne-Al-Hilal Omdurman yaseSudan kuthiwa babheke ukumsayinisa ngokugcwele.

“IPyramids, yiSimba, ne-Al-Hilal bonke sebeke babuza mayelana nokutholakala kukaKarim,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.

“Kodwa basakhulume nemenenja yakhe kuphela futhi kusazomele bayovela kwiPirates. 

“Bonke bafuna ukumsayinisa ngoJanuwari. Kodwa kulokhu engikuzwile, iPirates ivuleleke kuphela ekumbolekiseni ukuze athole isikhathi somdlalo kwenye indawo.

“Abafuni ukudayisa uKarim ngoba benomuzwa wokuthi unamandla okuba ngumdlali obalulekile kwiPirates esikhathini esizayo. 

“Uneminyaka engu-22 kuphela futhi unesikhathi esiningi sokuzibonakalisa ekilabhini,” kwengeza umthombo.

UKimvuidi waqala umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwiDC Motema Pembe eDemocratic Republic of Congo.

Ube esethuthela eNingizimu Afrika lapho afike wajoyina iMaritzburg ngo-2022. 

Ngemuva konyaka ujoyine iPirates ngemuva kokuthi iMaritzburg igawulwe yizembe ekupheleni kwesizini ka-2021/22.