
UNdlanya ushaya amakhala ngeChiefs ‘elahlekelwe ulayini’
- Sibongiseni GUMBI
Owayengumgadli weKaizer Chiefs, uPollen Ndlanya uvumile ukuthi unokukhathazeka ngokwenzeka eqenjini lakhe lakudala.
IChiefs iyiqale kahle isizini ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi njengoba abadlali bebedlala kahle kungathi banokuzwana okuhle.
Kodwa njengoba imidlalo iqhubeka, izinto ziqale ukuntengantenga futhi iqembu selilahlekelwe yisigqi.
Emidlalweni emihlanu edlule, iChiefs isanqobe owodwa, yadlala ngokulingana kwemibili yabe seyihlulwa kwemibili.
Okukhathaza kakhulu wukuthi kuleyo midlalo emihlanu iChiefs ingenelwe amagoli angu-11 ngesikhathi yona ishaye ayisithupha.
UNdlanya, ekhuluma kwiRadio 2000 ngoMsombuluko, uthe kunzima ukucacisa okwenzeka enkanjini yamaKhosi.
“Kunzima kakhulu kwiChiefs. Anginaso isiqiniseko sokuthi kwenzekani,” kusho uNdlanya.
“Abadlali bayazama kodwa kukhona okushodayo lapho. Angikuboni ukuhlangana nokuzwana.
“Futhi uma ungawashayi amagoli, ngeke unqobe, ngisho noma ungawakha amathuba. Nasemuva kunenkinga.
“Bangenelwa yigoli kuyo yonke imidlalo. Benza amaphutha amaningi kakhulu,” kwengeza le nkakha eyadlala nakwiBafana Bafana.
UNdlanya uthi ngesikhathi uNabi egcizelela ukuthi iqembu lisendleleni, unomuzwa wokuthi abakayitholi indlela.
“Konke kuqala ekuziqeqesheni. Njengamanje, iChiefs ayikho endleleni. Ngifuna babuyele esikweni lookudlala ibhola.
“Kulezi zinsuku babonakala betatazela kakhulu. Kunokuthuthuka kancane kusukela ngesizini edlule.
“Kodwa badinga ukwenza okwengeziwe… Kodwa-ke ake sinikeze uNabi ithuba.”
