EzintshaMTN8

UMasehe uveza okwenze iSekhukhune ibole induku yePirates

Iphini lomqeqeshi weSekhukhune United, uPaulus Masehe, usephawule ngobunzima iqembu elibhekene nabo emidlalweni emithathu elibhekane kuyo ne-Orlando Pirates.

Uthi kufanele kuqondakale ukuthi kungani behlulwe kuyo yonke le midlalo njengoba besalakha kabusha iqembu.

IBabina Noko ihlulwe kathathu yi-Orlando Pirates esontweni elilodwa.

Iqale ngokuhlulwa ngo 1-0 emlenzeni wokuqala weMTN8 ePolokwane.

Yabe seyihlulwa ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership phakathi nesonto elidlule.

I-Orlando Pirates iphinde yanqoba ngo 3-0 emlenzeni wesibili, yaqinisekisa ukunqoba ngo 4-0 sekuhlanganiswe imiphumela yomibili.

Lokhu kwenze iSekhukhune yakhishwa kwiMTN8.

UMasehe uthi imiphumela kumele iqondakale ngenxa yezinguquko ezinkulu ezenziwe eqenjini.

IBabina Noko ihlukane nabadlali abaningi abanamava nababebalulekile ngesizini edlule.

Iqembu liphinde laqoka abadlali abasha, iningi labo kungabancane.

“Le sizini yisikhathi soshintsho lapho sakha kabusha khona,” kusho uMasehe.

“Sethule inqwaba yabadlali abancane. Siphinde sahlukana nabadlali abaningi abanamava.”

UMasehe uyavuma ukuthi iqembu lizobhekana nobunzima ngesikhathi lisakha kabusha.

Ugcizelele nokho ukuthi kumele bagxile ezintweni ezinhle.

“Kunezifundo esingazithola ezintweni ezingahambanga kahle, kodwa kuningi okuhle esingagxila kukho,” kwengeza yena.