
UBrian Baloyi uveza ubuthaka bukaBruce Bvuma weChiefs
Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBrian “Spiderman” Baloyi naye usegxeke uBruce Bvuma ngokungakhuli kuleli qembu.
UBvuma bekubhekwe abe ngunozinti omkhulu olandelayo kuMakhosi ngemuva kuka-Itumeleng Khune, kodwa akakakufezi obekulindeleke kuye.
Ngesizini edlule uKhune naye uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngoBvuma, wathi akakhombisi ukuthi kukhona akufunda kuye.
Futhi manje uBrian Baloyi uthi uBruce Bvuma ube nakho konke ukuqeqeshwa okudingwa unozinti, kodwa akanayo lento engamenza abe ngunozinti omkhulu.
“Bheka uBruce, uthole konke ukuqeqeshwa okungcono noma yimuphi unozinti omncane angakudinga,” kusho uBaloyi kwi-IdiskiDine Podcast.
“Waqala enkulisa yeqembu la athola kone ukuqeqeshwa okufanele. Kodwa akanaso isibindi, akanayo lento edingekayo.
“Kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, ngokwami, uma ngibuka unozinti…
“Unozinti onethalente noqeqeshekiile – kuhle lokho. Kodwa mina ngingamyeka bese ngithatha unozinti onethalente lendalo.
“Bheka uBruce, uBruce yigwala. Amakilabhu manje asethatha ukuba unozinti njengento ebaluleke kakhulu…
“Kodwa uma ubheka izingane ezisemalokishini… Azikutholi ukuqeqeshwa okufanele kodwa zinethalente,” kwengeza uBaloyi.
Ukugcizelela iphuzu lakhe, wenze isibonelo ngo-Oscarine Masuluke osekwiStellenbosch FC manje, athe wazama ukuthi iChiefs imsayine ngesikhathi imhlola.
“Ngizokwenza isibonelo ngo-Oscarine. Ngesikhathi ngikwiChiefs ngo-2017, wafika ezohlolwa ikhono.
“Wangitshela ukuthi uyaqala ngqa yena ukuthola ukuqeqeshwa okubhekene naye njengonozinti.
“Ngambuka ngacabanga ukuthi akukwazi. Wahlala nathi izinyanga ezintathu.
“Ngemuva kwezinyanga ezimbili ngathi kuBobby Motaung noSteve Khomphela (owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi) asimsayineni.
“Kodwa abazange bangiqonde kwengangikusho. Ngathi kubo, uyabona lo mfana akakaze aqeqeshwe njengonozinti kodwa unethambo.
“Unomzimba, futhi unesibindi ngakho okunye ungakushaya indiva uma ubona ikhono lendalo.”
