EzintshaKaizer Chiefs

UBobby uveza umbandela obekelwe uDa Cruz kwiChiefs

Isikhulu se-Kaizer Chiefs, uBobby Motaung, sesicacise ngalokho okubekelwe umqeqeshi omusha uFernando da Cruz ukuthi akuzuze.

UMotaung uthi lo mqeqeshi waseFrance kumele ahole iChiefs ekunqobeni isicoco seBetway Premiership.

Uthi uDa Cruz kumele aphinde abuyise izinsuku zenjabulo eNaturena.

“Umqeqeshi omusha uyazi ukuthi kumele anqobe iligi. 

“Kumele anqobe nezindebe futhi abuyise izinsuku zenjabulo,” kusho uMotaung kwiFARPost.

UDa Cruz waqokwa ukucija iChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27, kanti ubebuya isibili eqenjini.

Ngaphansi kwesandla sakhe, Chiefs isiqale kahle kiligi, kodwa yakhishwa kabuhlungu kwiMTN8 yiGolden Arrows.

Emidlalweni emihlanu yeligi, Amakhosi asewine emibili, adlala ngokulingana emithathu.

Lokhu kuyibele endaweni yesithathu ngamaphuzu ayisishiyagalombili.

UMotaung uphinde wakuveza ukuthi iChiefs isazobheka ukuletha abanye abadlali ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali ngoSepthemba.

Uthi ikilabhu izomeseka uDa Cruz uma efuna ukuqinisa iqembu.

“Ibhola alikaze liyeke ukucabanga ngokusayinwa kwabadlali abasha. 

“Sihlale sifuna abadlali abaphambili ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.

I-Kaizer Chiefs igcine ukunqoba iligi ngo-2015, kanti kuzoba wumsebenzi onzima kuFernando Da Cruz ukuba athole lesi sicoco.