
Umhlaba uyasihleka, i-CAF kumele ikunqande lokhu
Njalo uma ibhola lase-Afrika lithatha igxathu eliya phambili, libuye lithathe amabili aphindela emuva – futhi i-CAF kumele izinuke amakhwapha ngalokhu.
Okwenzeke eLoftus Stadium ngoMgqibelo emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League kuyichilo elibi kakhulu.
Kukhombise ukuthi i-Afrika isasilele emuva kakhulu ekukhuleni ngokwebhola nokuphatwa kwalo.
Ungangizwa kabi, angifeli amathe umsebenzi oncomekayo owenziwe uPatrice Motsepe kusukela ebe ngumengameli we-CAF.
Kodwa ukubona abalandeli be-AS FAR yaseMorocco behlasela abeSundowns nababhekelele ezokuphepha kube yinto engenze ngaswela umgodi wokucasha.
Ngakho iCAF kumele ikuphenyisise lokhu futhi kulokhu iyeke ukushayelela izibi phansi kukakhaphethi njengoba ihlale yenza.
Phela akukhona okokuqala siba neziga ezinjena. Naphambilini abalandeli be-Esperance benza okufanayo, kwajike kwathuleka nje.
Okwesibili – okuyihlazo elibi nakakhulu – kube wukunganikezwa kwendiza yeSundowns imvume yokucabasheka eMorocco.
Lokhu ngokusobala kwenzelwe ukugqilaza leli qembu ngokomqondo ngaphambi komdlalo womlenze wesibili.
Ukuthi iSundowns ifike ihlale esikhumulweni sezindiza usuku lonke, bese iphoqeleka ukubuyela emuva yihlazo.
Angisayiphathi eyabalandeli bayo abanganikwanga izimvume zokungena kuleliya lizwe okwesikhashana ukuze baseke iqembu labo.
Hhawu! Hhawu! Hhawu! Kodwa chilo lini leli esilenziwa iCaf ibhekile?
Ngimgaka nje angikaze ngizwe noma ngifunde ngento efanayo yenzeka kwamanye amazwekazi asethuthukile kunathi ngebhola.
Okwabalandeli mhlawumbe umuntu engakuqonda ngoba vele basuke bathathe ngezinhliziyo, kodwa okwezikhulu yichilo i-CAF okumele ilisukumele.
