EzintshaKaizer Chiefs

USekgota wodumo kwiChiefs uthola ikhaya e-Egypt

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, u-Kgaogelo Sekgota, kuvela ukuthi angase athole ikhaya elisha eqenjini lase-Egypt.

Ngokombiko weFARPost, sekusele amathizethize nje ngaphambi kokuthi lo mdlali asayine kwiPetrojet SC.

Kubikwa ukuthi iPetrojet ihlabeke umxhwele ngalo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ngemuva kokufika kwakhe e-Egypt kwiSiwelele FC.

Izingxoxo zokumsayinisa kuthiwa sezisezingeni eliphezulu.

Uma kuphumelela, lokhu kungaba yithuba elikhulu kuSekgota lokuqala kabusha umsebenzi wakhe ngemuva kwesikhathi esifushane kwiSiwelele.

IPetrojet ayisilona iqembu elisha kubadlali baseNingizimu Afrika. 

Ngesizini edlule leli qembu belinesitobha seStellenbosch FC, uQobolwakhe Sibande, osebuyele kwiStellenbosch ngokubolekiswa.

U-Kgaogelo Sekgota wake wabhekwa njengomunye wabadlali abanekhono elikhulu eNingizimu Afrika ngesikhathi edlala kwi-Kaizer Chiefs. 

Manje usefuna ukubuyisela igama lakhe emuva kokudlula ezinselelweni eziphazamise umsebenzi wakhe.

Ukuya e-Egyot kungamnikeza ithuba lokudlala njalo, abuyise ukuzethemba kwakhe futhi aphinde akhombise ikhono elamenza wagqama esemncane.

U-Kgaogelo Sekgota wajoyina i-Kaizer Chiefs ngo-2021, washeshe wathandwa ngabalandeli ngenxa yejubane lakhe. 

Wadlala imidlalo engu-48 kuyo yonke imiqhudelwano ngaphambi kokushiya eNaturena ngo-2023 waya kwiStellenbosch FC.

Uma isivumelwano sakhe nePetrojet siphothulwa, sizomnika ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe nokufeza ikhono abaningi abebekholwa ukuthi unalo.