EzintshaMamelodi Sundowns

Okushiwo uNdlovu egqilaza ezakhe zakudala i-Arrows

U-Siyanda “Skhwishi” Ndlovu ubhekane nemizwa exubile ngemuva kokuba ngumdlali obalulekile esiza iMamelodi Sundowns ishaya iqembu lakhe lakudala iGolden Arrows.

AMasandawana anqobe ngo-2-1 emdlalweni weBetway Premiership obuseKing Goodwill Zwelithini Stadium eMlazi ngeSonto.

UNdlovu, ojoyine iSundowns esuka kwiGolden Arrows ekuqaleni kwale sizini, ube yingxenye ebalulekile yokuhlasela kweBrazilians.

Nguye oshaye igoli lokuqala, waphinde wabamba iqhaza ekwakhiweni kwelesibili njengoba iSundowns ithatha amaphuzu amathathu abalulekile. 

Yize ejabule ngokunqoba kweSundowns, u-Siyanda Ndlovu akakwazanga ukufihla ubuhlungu bokushaya iqembu elamkhulisayo nelamnika ithuba lokuzakhela igama ebholeni elikhokhelayo.

“Ngijabule ngokuthi sinqobile namuhla. Kodwa ukushaya igoli ngibhekene neqembu lami lakudala… kubuhlungwana khona,” kuvuma uNdlovu.

“Kubuhlungu ngoba yiqembu engikhulele kulo, engidlale kulo phambilini ngaphambi kokuya kwiSundowns.”

Nokho, uNdlovu ugcizelele ukuthi uma umdlalo usuqalile, umsebenzi wakhe wukusiza iqembu lakhe lamanje ukuthi liwine.

“Kodwa-ke umsebenzi umsebenzi. Ngijabule ngomdlalo wanamuhla. Sisebenzile namajita. 

“Bekungelula neze, kodwa sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu ekugcineni,” kuqhuba uSkhwishi.

U-Siyanda Ndlovu uphinde wancoma ukuzwana nokusebenzisana phakathi kwabadlali beSundowns.

Uthi yilokho okubasize bakwazi ukumelana nengcindezi ngesikhathi i-Arrows izama ukubuyela emdlalweni ikakhulukazi ngasekupheleni kwawo.

“Ngicabanga ukuthi sisizwe ukuzwana nokusebenzisana okukhona eqenjini,” kwengeza yena.

“Indlela ebesisebenza ngayo… besilokhu sikhomozana ngokuthi kusele isikhathi esincane, asiphusheni. 

“Ngicabanga ukuthi yilokho okugcine kusisiza kakhulu ukuthi siphumelele namuhla.”

Ukunqoba kubeke iSundowns phezulu kuBetway Premiership, kanti uNdlovu uyaqhubeka nokuzibonakalisa njengomdlali obalulekile kule sizini.