EzintshaMamelodi Sundowns

Imenenja kaSaleng udalula inkinga ejulile abhekene nayo

Sekugcine kuphumele obala ukuthi yini le ephazamisa u-Monnapule Saleng njengoba imenenja yakhe uKarabo Mathang-Tshabuse, isiphumele obala ngezinkinga lo mdlali abhekene nazo.

Uthi izinkinga zikaSaleng zingaphezu kokungaziphathi kahle noma izindaba zokuqondiswa ubugwegwe njengoba abaningi becabanga.

UMathang-Tshabuse ukholwa ukuthi kunenkinga yesimo sengqondo nenhlalakahle okumele ibhekwe ngendlela efanele.

Uchaze ukuthi uSaleng udlula esikhathini esinzima emsebenzini wakhe webhola njengamanje.

Uthi izinkinga zaqala ukubonakala ngesikhathi esekwi-Orlando Pirates, zaqhubeka nangesikhathi ebolekiswe kwi-Orbit College.

“Kujule kakhulu kunalokho. Kuyinto yesimo sengqondo,” kusho le ntokazi kwiMetro FM ngoLwesithathu. 

“Ngicabanga ukuthi kunenkinga yenhlalakahle engingakwazi ukuyihlonza kahle kwazise angiyena udokotela.”

UMathang-Tshabuse ugcizelele ukuthi akayena udokotela futhi akakwazi ukuxilonga u-Monnapule Saleng ukuze ahlalule le nkinga.

Nokho, uthi uyakwazi ukubona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngendlela lo mdlali aziphatha ngayo.

Uthi akulungile ukumane kubizwe ngokuthi ukungaziphathi kahle noma ukwephula imithetho.

Uphinde waveza ukuthi uzamile ukuthola usizo lukaSaleng futhi le nkinga useke wayixoxa nabazali bakhe namakilabhu.

“Awukwazi ukuphoqa umuntu. Ungameluleka kuphela futhi uhlele ukuthi athole usizo,” kusho yena.

“Kodwa uma engekho esimweni sokubona ukuthi uyaludinga lolo sizo, akukho okunye okungenziwa.”

UMathang-Tshabuse uphinde wathi akazi ngenkinga yotshwala okubikwa ukuthi uSaleng unayo.

Uvumile nokho ukuthi uke wezwa ngabantu abasondelene naye bekusho lokho.

Uthi okubalulekile manje ukuthola usizo olufanele ukuze u-Monnapule Saleng akwazi ukubuyela esimweni esihle futhi aqhubeke nomsebenzi wakhe webhola.

“Sengike ngambuza ngenlinga yotshwala futhi mina ngibona sengathi inkinga enkulu ngeyesimo sengqondo.

“Kungenzeka ezinye seziyazigaxelela nje. Kungenzeka uyaphuza ngokweqile, kodwa lowo umthelela nje hhayi inking okufanele kubhekwane nayo.”