
UMiddendorp nemibuzo ngobuqotho bokuhlonzwa kwelaMajita
Umqeqeshi owazakhela igama kwiKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp usephakamise imibuzo ebucayi ngohlelo lokuhlonza nokukhetha amathalente eqenjini lesizwe Amajita.
Ugcizelela ukuthi akagxeki abadlali abakhethiwe kodwa ubuza ukuthi ngabe iqoqo labadlali elibhekwayo libanzi ngokwanele yini.
UMiddendorp ubhale lokhu kwiLinkedIn, lapho eveze khona ukukhathazeka ngokuthi amaqembu esizwe entsha aseNingizimu Afrika avame ukuvela kakhulu ezikhungweni ezinkulu zasemadolobheni.
“Angigxeki abadlali abakhethelwe kuMajita. Engikubuzayo ubukhulu beqoqo abadlali abakhethwe kulo,” kubhala yena.
UMiddendorp uthi iNingizimu Afrika inethalente elikhulu ebholeni, kodwa ukholwa ukuthi kufanele kubuzwe ukuthi ngabe uhlelo lwamanje luyakwazi yini ukufinyelela kubo bonke abadlali abanamakhono.
“INingizimu Afrika inethalente elikhulu kakhulu ebholeni,” kuqhuba lo makadebona womqeqeshi.
“Kodwa uma amaqembu ethu esizwe entsha eqhubeka evela ikakhulukazi ezikhungweni ezinkulu zasemadolobheni, kufanele sibuze umbuzo onzima..
“Ingabe laba ngabadlali abangcono kakhulu abangaphansi kweminyaka engu-20 eNingizimu Afrika?
“Noma bangabadlali abangcono kakhulu uhlelo lwethu lwamanje olukwaziyo ukubabona?”
Lo mqeqeshi odabuka eGermany uthi ukuhlonza ithalente akumele kuqale uma umdlali esefinyelele emaqenjini amakhulu noma esigabeni esikhokhelayo.
“Ukuhlonza ithalente ngeke kuqale uma umdlali esefike kwiChiefs, iPirates, iSundowns, AmaZulu, iDurban City, iStellenbosch noma iCape Town City.
“Ngaleso sikhathi, omunye umuntu usevele umtholile,” kuchaza lo mqeqeshi odume ngelikaMazinyo.
Uthi uhlelo lukazwelonke lokuthuthukisa amathalente kufanele lube phambili ekutholeni abadlali abasafihlekile.
“Umsebenzi wohlelo lukazwelonke lokuthuthukisa ithalente ukuthola umdlali ngaphambi kokuba wonke umuntu azi igama lakhe.”
U-Ernst Middendorp ugcizelele ukuthi akafuni kube nesabelo sezifundazwe eqenjini lesizwe, kodwa ufuna amathuba okuthi abadlali ezweni lonke babonakale.
“Akumele kube nesabelo sezifundazwe eqenjini lesizwe,” kuqhuba yena kulo mbhalo wakhe.
“Kodwa kumele kube namathuba ezweni lonke okuthi abadlali babonakale.”
Ugcine ngokuthi le ngxoxo kumele iqale ngokubheka indima yeSafa, izifunda zayo, amaLFA neFIFA Talent Development Scheme.
“Kimina, kulapho ingxoxo ngeSafa, izifunda zayo, amaLFA neFIFA Talent Development
- FUNDA NALA | AbeBafana basongela iSafa ngokuhudula izinyawo
Lokhu kuphawula kukaMazinyo kuza ngesikhathi uRaymond Mdaka esanda kumemezela iqembu lokuqala labadlali azoqoka kubo azoya nalo emidlalweni yokuhlungela iCaf U20 Africa Cup of Nations eMozambique.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
