EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ‘isaxhugela’ emuva, ibheke ukuqhubeka nomgqigqo 

I-Kaizer Chiefs isizobhekana neSiwelele FC emdlalweni wayo wesihlanu weBetway Premiership kule sizini inodonga oluhluke kakhulu.

Lokhu kunjengoba umqeqeshi uFernando Da Cruz ephoqeleke ukuthi enze ushintsho olukhulu ngenxa yokulimala kwabadlali basemuva.

IChiefs ayianaye noyedwa kubadlali bawo abane abadlala kwesokunxele emuva ophile ngokuphelele ukuthi engaqala umdlalo. 

UBradley Cross, uNkanyiso Shinga, uPaseka Mako noRushwin Dortely bonke basalulama ekulimaleni.

Lokhu kuphoqe uDa Cruz ukuthi aqale uThabo Moloisane kwesokunxele, nakuba lo mdlali engumdlali wasemuva maphakathi futhi esebenzisa unyawo lwesokudla. 

UMoloisane useke wasetshenziswa kule ndawo phambilini ngesikhathi iChiefs ibhekene nenkinga efanayo. 

UReeve Frosler – oke abambe kule ndawo – naye akakakulungeli ngokuphelele ukudlala futhi usebhentshini.

UCross naye ubuyile eqenjini kodwa uzoqala ebhentshini njengoba esanda kululama ekulimaleni.

UBrandon Petersen ugcine indawo yakhe epalini futhi ungukaputeni weqembu.

UZitha Kwinika, u-Inacio Miguel, UDillan Solomons noMoloisane bakhe udonga lwasemuva phambi kwalo nozinti. 

Phambili, amathemba okushaya amagoli alele kuPule Mmodi, uMfundo Vilakazi noWandile Duba okuyibo abahola ukuhlasela kwe-Kaizer Chiefs.

IChiefs ibophele kanje: Petersen (C), Solomons, Kwinika, Miguel, Moloisane, Maboe, Ndlovu, Shabalala, Mmodi, Vilakazi, Duba.

Abasebhentshini: Leaner, Frosler, Cross, Mthethwa, Mtasingwa, Chislett, Ighodaro, Baartman, Abrahams.

Umdlalo uzoqala ngo-5.30 ngeSonto ntambama kanti useDobsonville Stadium, eSoweto. 

EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp