AmaZuluEzintsha

UZwane ‘ubalekele’ isixakaxaka ngoVandala kuMaZulu

Umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, uthe ngeke aphawule ngodaba oluthinta u-Mncedi Vandala, wathi ulushiyela ezandleni zabaphathi bekilabhu.

UVandala wethulwa njengomdlali omusha waMaZulu ngoJulayi ngemuva kokudlala kwiMagesi FC abebolekiswe kuyo ngesizini edlule. 

Waze waqala nokuziqeqesha neqembu loSuthu ngesikhathi kulungiselelwa isizini entsha.

Kodwa izinto zashintsha ngoLwesibili ngesikhathi iSekhukhune United imemezela ukuthi lo mdlali usebuyile kuyo.

Kwavela ukuthi uVandala ubebolekiswe yiSekhukhune kwiMagesi, okusho ukuthi ubesenenkontileka neBabina Noko ngesikhathi AmaZulu emsayinisa.

“Uma ngikhuluma iqiniso, lolu udaba engilushiyela abaphathi bekilabhu. 

“Angifuni ukuphawula ngalo ngoba kufanele ngihloniphe iqembu abekulo ngaphambilini. 

“Njengomqeqeshi angifuni ukusho okunye ngalolu daba,” kusho lo mqeqeshi woSuthu.

UVandala wethulwa nabanye abadlali abasha eqenjini okubalwa u-Omega Mdaka, uKhomotjo Lekoloane, uKeenan Phillips, uGape Morale, unozinti wase-Ivory Coast uFaveur Kouassi nomgadli waseKenya uMoses Shumah.

Nakuba bonke laba badlali sebeziqeqesha neqembu lika-Arthur Zwane, ikusasa lika-Mncedi Vandala alicacile.

Okudonsa amehlo wukuthi AmaZulu azobhekana neSekhukhune emdlalweni weMTN8 ngeSonto eChatsworth Stadium, kanti uVandala angase abe ngakolunye uhlangothi.

EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp