EzintshaOrlando Pirates

I-Orbit nezintsha ngamathikithi omdlalo wayo ne-Orlando Pirates 

I-Orbit College FC isikuqinisekisile ukuthi amathikithi omdlalo wayo obalulekile weBetway Premiership ne-Orlando Pirates asedayiswe aphela.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzokuba seMbombela Stadium, eNelsrpuit ngoMgqibelo ntambama. 

Izinkulungwane zabalandeli bamaBhakabhaka kulindeleke ukuthi zitheleke kule nkundla ngethemba lokuzibonela ‘ngosi’iqembu labo liqeda indlala yesicoco seligi.

Phela sekuphele iminyaka engu-14 leli qembu lisizwa ngendaba lesi sicoco ebesithathwa yiMamelodi Sundowns kule minyaka eyisishiyagalombili edlule.

I-Orlando Pirates iphokophele kulo mdlalo yazi ukuthi ukunqoba kuphela okungayinika isicoco seBetway Premiership. 

Kwi-Orbit College ukuwina kubaluleke ngokufanayo njengoba kungase kuvikele indawo yayo esigabeni esikhulu.

Isimemezelo sokuphela kwamathikithi siphume ngemuva kwamahora amahlanu kuphela amathikithi engene endalini. 

Futhi lokhu kugcizelela ubukhulu balo mcimbi. Futhi isasasa liyakhula ngaphambi kwalokho okuthembisa ukuba wumdlalo oshubile nomangalisayo wosuku lokugcina.

Ingabe i-Orlando Pirates izoba ngompetha abasha beligi, noma i-Orbit nayo izoshiya izigidi zabalandeli beBucs zibakaza, ziswele umgodi wokucasha?

Impendulo isiyophuma ngemuva kwemizuzu engu-90 lamaqembu azogadulisana wona eMbombela Stadium.