Bafana BafanaEzintsha

AbeBafana basongela iSafa ngokuhudula izinyawo

Sekuphele cishe izinyanga ezimbili iNdebe yoMhlaba ka-2026 yaphela, kodwa abadlali be-Bafana Bafana nabasebenzi basalinde amabhonasi alo mqhudelwano.

Umbiko we-Sunday World uthi lesi simo sesidale ukungezwani ngaphakathi eqenjini, njengoba abanye abadlali bacabanga ukwenza ukuhudula izinyawo ngaphambi kwekhempu ezayo.

Le khempu kuzobe kungeyokulungiselela imidlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2027, lapho iBafana izobhekana khona neGuinea, Eritrea bese idlala owobungani ne-Egypt. 

Lokhu kuza ngesikhathi umqeqeshi omusha uPitso Mosimane esanda kumemezela iqembu lokuqala labadlali abazoqokelwa kule khempu. 

Abadlali kuthiwa bakhala ngokuthi sekuzoqala enye ikhempu kodwa imali abebeyilindele ngemuva kohambo lwabo eNdebeni yoMhlaba ayikakhokhwa.

Umthombo ongadalulwanga utshele iSunday World ukuthi iSafa seyayithola imali evela kwiFIFA ngemuva kweNdebe yoMhlaba.

Kodwa abadlali nabasebenzi kuze kube manje abakayithole imihlomulo yabo.

“Asikakhokhelwa imali yethu yeNdebe yoMhlaba… iSafa yayithola imali kwiFIFA ngesonto ngemuva kokuphela kwalo qmhudelwano,” kusho umthombo. 

I-Bafana Bafana yaqopha umlando ngokufinyelela kwiLast 32 eNdebeni yoMhlaba, okwenza iSafa yathola imali elinganiselwa ku-R218 million kwiFIFA. 

Ngaphezu kwalokho, iSafa yathola imali elinganiselwa ku-R41 million yokulungiselela umqhudelwano. 

Izinhlangothi zase zifinyelele esivumelwaneni sokuthi u-50% wemali yeNdebe yoMHlaba izonikwa abadlalo nabasebenzi bethimba labaqeqeshi bacazelane.

Udaba lwamabhonasi luza ngesikhathi iSafa ibhekene nokubhekwa kakhulu ngokuphathwa kwemali. 

Kusanda kuvela ukuthi obengumqeqeshi weBafana, uHugo Broos, unelungelo lokuthola u-10% wemali yeFIFA eyatholwa ngenxa yokufinyelela kwiLast 32. 

ISouth African Football Players Union nayo kubikwa ukuthi isiqalile ukuphenya lolu daba futhi ithe izophawula uma isiqoqe ubufakazi obanele.