
UKhune unxenxa iChiefs ukusayina owodumo kwiBafana
Owayengukaputeni we-Kaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, usephakamise igama lomunye wabadlali abazakhele igama kwiBafana Bafana, ethi bangalisiza leli qembu.
U-Elias Mokwana, oneminyaka engu-27 ubudala akanaqembu kusukela ehlukane ne-Espérance yaseTunisia ngoSepthemba.
Ekhuluma kwiSABC Sport, uKhune uthe lo mdlali weBafana Bafana umkhumbuza uJabu “Shuffle” Mahlangu ngenxa yekhono lakhe.
“UMokwana ungikhumbuza uJabu ‘Shuffle’ wakudala ngoba unekhono elikhulu futhi akesabi ukubhekana ngqo nesitobha,” kusho uKhune.
Uthe lo mdlali uyakwazi nokwakha amathuba nokushaya amagoli, kanti ulwazi aluthole emidlalweni yezwekazi lungayisiza iChiefs.
UKhune ukholwa nokuthi abadlali abasebancane bangafunda lukhulu kuye.
Nowayengumdlali wasesiswini weJomo Cosmos, uMark Haskins, naye usezwakalise ukumeseka uMokwana njengomdlali ongeza umehluko eqenjini elikhulu kwiBetway Premiership.
“Ngiyamthanda futhi ngikholwa ukuthi angayisiza iKaizer Chiefs,” kusho uHaskins.
“Kwangimangaza ukuthi awekho amaqembu amakhulu asekhaya amlandela ngaphambi kokuthi aye phesheya.
“Wayedlala kahle kakhulu kwiSekhukhune United ngaphambi kokushiya kuleli zwe.”
Khonamanjalo, kuvela ukuthi abaphathi bakaMokwana sebeke bayinika i-Kaizer Chiefs ithuba lokusayina lo mdlali ngemuva kokungavumelani neWydad Athletic Club.
Okwamanje akukacaci ukuthi iChiefs izomthatha yini lo mdlali ukuqinisa ngaye, ikakhulukazi njengoba etholakala mahhala.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
