
UCardoso uchaza eyokunyomula uCele noBasadien ngekhefu
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, usechaze ngesinqumo sakhe sokukhipha u-Thabo Cele noFawaaz Basadien ngesikhathi sekhefu emdlalweni weCarling Knockout Cup ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns inqobe ngo 1-0 ibhekene neMarumo Gallants eLoftus Stadium, yazibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano.
Igoli lokunqoba lishaywe nguSiyanda Ndlovu ngomzuzu ka-20, ngemuva kwephasi ka-Iqraam Rayners.
Lokhu kunqoba kuphinde kwasiza amaBrazilians ukuthi asule izinyembezi zabalandeli ngemuva kokukhishwa yiWiliete SC yase-Angola kwiCAF Champions League.
U-Miguel Cardoso uthe ukhiphe u-Thabo Cele noBasadien ngoba bobabili bese bethole amakhadi aphuzi esiwombeni sokuqala.
Uthe ubengafuni ukuzifaka engcupheni yokudlala ngabadlali abangaphelele uma kwenzeka oyedwa wabo noma bobabili bethola elinye ikhadi.
“Ngishintshe abadlali ababili ngoba bobabili bebethole amakhadi aphuzi, kanti awukwazi ukudlala umdlalo womkhumulajezi usunabadlali abayishumi,” kusho uCardoso.
Uveze ukuthi ubengafuni ukuzifaka engozini kulo mdlalo, azi kahle ukuthi kubaluleke kangakanani ukunqoba.
Izindawo zikaCele noBasadien zithathwe ngu-Aubrey Modiba noMarcelo Allende.
UCardoso uvumile ukuthi izinguquko, nokusebenzisa abadlali abangajwayele ukudlala, kube nomthelela kwindlela iqembu elidlale ngayo esiwombeni sesibili.
Uthe ukuphoxeka ngokukhishwa kwiChampions League kube nomthelela kwisimo sabadlali.
“Asebake badlula kulokhu esidlule kukho kulezi zinsuku ezimbili noma ezintathu kuphela abangakuqonda esidlule kukho.
“Kodwa ngokubambisana nangendlela efanele yokubhekana nomdlalo, sikwazile ukunqoba,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Yize iSundowns ingazange idlale ngendlela ejwayelekile, uCardoso uncome ukuzimisela nokubambisana kwabadlali bakhe.
Uthe okubalulekile ukuthi iqembu lime ndawonye futhi lilwele ukunqoba.
Manje isilinde ukuthola ukuthi izobhekana naliphi emzuliswaneni olandelayo kanti ukuqhathwa kuzokwenziwa ngemuva komdlalo weDurban City neStellenbosch ngoLwesithathu.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
