Bafana BafanaEzintsha

UJomo Sono ubhoboka ‘ngokuxhashazwa’ ecija iBafana

Owayengumqeqeshi weBafana Bafana futhi oyingwazi yebhola laseNingizimu Afrika, uJomo Sono, useveze imininingwane eshaqisayo ngendlela aqokwa ngayo ukuba aqeqeshe iqembu lesizwe.

USono uthi akazange aziswe mathupha ngesikhathi eqokwa, kodwa waqala ukuzwa ngokuqokwa kwakhe kumapjhephandaba.

Wabe esexhumana nobuholi beSouth African Football Association (SAFA) bangaleso sikhathi ukuthola kabanzi ngalokhu.

Le ngwazi iveze lokhu ngesikhathi ixoxa ohlelweni iGame On kuRadio 2000 kuleli sonto.

Kulapho iphinde yancoma khona ukuqokwa kukaPitso Mosimane njengomqeqeshi omusha weBafana.

U-Jomo Sono uthi indlela aphathwa ngayo ngesikhathi eqokwa yamushiya enemibuzo eminingi, ikakhulukazi njengoba kwakuyisikhundla esikhulu sokuhola iqembu lesizwe.

“Ukuqokwa kwami njengomqeqeshi weBafana kwamenyezelwa ephepheni kuqala ngaphambi kokuba ngitshelwe ngakho. 

“Ngabuza uMolefi Oliphant (owayengumengameli weSAFA ngaleso sikhathi) ukuthi kungani benze lokho,” kusho le nkakha.

USono ukholwa ukuthi ubuholi beSAFA babazi kahle ukuthi uthando analo ngezwe lwaluzokwenza kube nzima kuye ukwenqaba umsebenzi wokuqeqesha iBafana.

“Babazi ukuthi yayingekho indlela engangingathi cha ngayo ngoba ngangihlale ngibeka izwe phambili. 

“Ngangihola u-R100 000 ngenyanga. Okungenani ngangikwazi ukuthenga isinkwa.”

Uphinde wancoma uMosimane ngokuma aqine aze anikwe lokho okumfanele ngokwemiholo nemihlomulo.

“UPitso wenze kahle ngokuma aqine. Bengazi ukuthi ngeke awuthathe u-R5 million. 

“Nami bengizothi cha, ngifune ukukhokhelwa ngokulingana nomlungu,” kuqhuba yena.

USono uphinde wagcizelela ukuthi uyajabula ngokuqokwa kukaMosimane, ethi ukuzethemba kwakhe kungaba yinto ezomsiza kakhulu kulo msebenzini.

“Abanye bathi uyazazisa njengami, kodwa kwesinye isikhathi ukuzethemba kuyasiza, ikakhulukazi ebholeni laseNingizimu Afrika. 

“Ukuzazisa kuwukukholelwa kuwe, yingakho uPitso esezuze lukhulu. 

“Akazanyazanyiswa abamgxekayo nomsindo wangaphandle.”

Lezi zinkulumo zika-Jomo Sono sezivuse kabusha ingxoxo ngendlela abaqeqeshi bakuleli abaphathwa ngayo, ikakhulukazi uma kuqhathaniswa nozakwabo abaqhamuka phesheya.