
UMalesela uzifake zaphelela kwiSekhukhune eyisola ‘ngotolika’
Owayengumqeqeshi weBaroka FC, u-Dan Malesela, usegxeke kakhulu iSekhukhune United ngesinqumo sokuqoka uCedric Kaze njengomqeqeshi.
Uthi lokhu kwaba yiphutha elisobala kusukela ekuqaleni nje.
UMalesela uthi akaboni ukuthi uKaze ubenolwazi olwanele lokuthatha izintambo njengomqeqeshi weqembu elisezingeni eliphezulu.
Uveze ukuthi uKaze wafika eNingizimu Afrika engutolika kaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs.
Kodwa izinto zashintsha ngesikhathi ethola ithuba lokuba ngumqeqeshi ngokubambisana noKhalil Ben Youssef kuMakhosi ngesizini edlule.
“Lo muntu wafika lapha engutolika, hhayi njengomqeqeshi,” kusho uMalesela kwiKickOff.
“Ngokuphazima kweso wathola ithuba lokuba ngumqeqeshi ngokubambisana kwiChiefs isizini eyodwa.
“Emva kwalokho akaseyena utolika, usengumqeqeshi,” kwengeza uMalesela.
U-Dan Malesela uthi akulungile ukuthi umuntu aguqulwe abe ngumqeqeshi ngenxa nje yokuthi wanikezwa izintambo okwesikhashana.
“Njengezwe siyazilimaza. Utplika ngeke avele abe ngumqeqeshi ngoba nje wacelwa ukuthi abambe izintambo kwiChiefs isizini eyodwa,” kusho yena.
UMalesela ugcizelele ukuthi uKaze bekufanele abe neqiniso kuye uqobo, aqhubeke nokuba ngutolika, kunokuba angene emsebenzini wokuqeqesha.
Uthi ukuqokwa kwakhe kwiSekhukhune kukhombisa ukuthi amaqembu akuleli kwesinye isikhathi athatha izinqumo ezinkulu ngaphandle kokubheka izinto ngokujulile.
- FUNDA NALA | UNkota usebuyele ‘ekhaya’ kwiPirates
Uthi awabheki ulwazi, amava namandla omuntu okuphatha iqembu elikhulu ngaphansi kwengcindezi enkulu.
U-Dan Malesela uthi lokhu kungalimaza kakhulu ikusasa leqembu futhi kwehlise izinga lomqhudelwano webhola lakuleli.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
