
UVilakazi ube yiqhawe eweza iKaizer Chiefs kwiToyota Cup
UMfundo Vilakazi ushaye igoli elinqobise i-Kaizer Chiefs ngo 1-0 ibhekene neScottland FC, yanqoba iToyota Cup ka-2026 eRoyal Bafokeng Stadium ngeSonto.
Lokhu kusho ukuthi Amakhosi abuyise le ndebe ngemuva kokuthi iwinwe amaqembu angaphandle eminyakeni emibili edlule, iYoung Africans ngo-2024 ne-Asante Kotoko ngo-2025.
Umqeqeshi omusha weChiefs, uFernando Da Cruz, uqoke iqembu eligcwele intsha futhi wanikeza umdlali omusha u-Adolf Mtasingwa ithuba lokuqala ukudlala.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weScottland FC, uNorman Mapeza, uqale umdlalo engafakanga abadlali bakudala beChiefs uKhama Billiat noKnowledge Musona.
I-Kaizer Chiefs iqale umdlalo ihlasela, uBradley Cross noThabiso Monyane benza umsebenzi omuhle emizuzwini yokuqala.
Igoli lokuwina lifike ngomzuzu ka-17 ngesikhathi ibhola elide lika-Inacio Miguel lidala ukudideka kwizitobha zeScottland.
Ibhola ligcine liwele kuMfundo Vilakazi, obe eselinamathisela enethini, wabeka iChiefs phambili ngo 1-0.
Ngaphambi kwekhefu, iChiefs ibe namanye amathuba ngo-Asanele Velebayi, u-Ethan Chislett noVilakazi, kodwa yehluleka ukwengeza amagoli.
Esiwombeni sesibili, uDa Cruz ufake uWandile Duba no-Etiosa Ighodaro, kwathi iScottland yaphendula ngokufaka uBilliat nezelamani uKnowledge noWalter Musona.
- FUNDA NALA | Kunqobe AmaZulu kwiPremier’s Cup
IChiefs iqhubekile nokwakha amathuba. UChislett ucishe washaya elesibili ngemuva komsebenzi omuhle kaMonyane, kwathi u-Ighodaro wageja ithuba elicacile ngekhanda.
UDuba naye ugeje elinye ithuba ngasekupheleni komdlalo, kodwa igoli likaVilakazi lanele ukunika i-Kaizer Chiefs indebe yeToyota Cup nokunikeza uFernando Da Cruz isicoco sakhe sokuqala.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
