Ezintsha

UMngqithi ubhoboka ngokumqhathe neYanga

UManqoba Mngqithi usephumele obala ngesizathu sokuhlukana kwakhe nezinkunzi zaseTanzania iYoung Africans.

Uthi ukushiya kwakhe akuhlangene nemiphumela yasenkundleni kodwa kumayelana nezimiso zakhe.

Lo mqeqeshi, owake wasebenza kwiMamelodi Sundowns, ushiye iYanga ngemuva kokuyisiza yafinyelela esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.

Ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweMetro FM ngoLwesibili, uMngqithi uthe ubengazimisele ngokulahla izimiso nezinkolelo zakhe ngenhloso yokugcina umsebenzi.

“Bekungenxa yezimiso zami. Bengifuna ukuqinisekisa ukuthi izimiso zami, izinkolelo nokuziphatha kwami kuhlala kunjalo. 

“Lokho bekubaluleke kakhulu kunokubambelela emsebenzini, futhi yikho okubangele ukuthi sihlukane,” kusho yena.

U-Manqoba Mngqithi, oneminyaka engu-55, uthe akakholwa ukuthi ukuhlukana kwakhe ne-Yanga bekubangelwe yizizathu zebhola noma indlela yokudlala.

Uveze ukuthi ubudlelwano bakhe nabaphathi beqembu bebubuhle, nokuthi abadlali nethimba lakhe basebenze kanzima ukuze kufezeke izinhloso eziningi zesizini.

“Angikholwa ukuthi bekuhlobene nebhola. Iqembu belingiphethe kahle, nomengameli uHersi Ally Said ubengiphatha kahle. 

“Nethimba lami lisebenze kanzima. Sifeze izinhloso zethu eziningi,” kuqhuba yena.

UMngqithi uveze ukuthi enye yezinkinga ezinkulu kube yindlela iqembu elalibhekana ngayo nabadlali abangayi ejimini.

Uthi ubengahambisani nokuthi umdlali alove ejimini kodwa angathathelwa izinyathelo ezinqala zokuqondiswa ubugwegwe.

“Leli qembu kumele lithuthukise izinga lalo lokuziphatha emsebenzini. 

“Akumele kujwayeleke ukuthi umdlali alove ejimini bese kungathathwa izinyathelo ezinqala,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi lokhu kube ngenye yezinto ezidale uqhekeko phakathi kwakhe nabaphathi, ngoba ubengafuni ukuthi ukungawufezi umsebenzi kuphenduke into ejwayelekile.

U-Manqoba Mngqithi uthi wayebeke obala ukukhathazeka kwakhe kubaphathi be-Yanga, egcizelela ukuthi abadlali kumele babhekane nemiphumela uma bengazifezi izibopho zabo.

Akazange adalule amagama abadlali abebebandakanyeka kule nkinga.