
UKhoza uqinisekisa ukuqala kweligi, umemezela abaxhasi abasha
– Sibongiseni Gumbi
Usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, ukuqinisekisile ukuthi isizini entsha izoqala ngesikhathi esifanele kodwa isinabaxhasi abahlukile.
Lesi simemezelo senziwe uKhoza ekomkhulu lePSL eParktown ngoLwesithathu ekuseni.
Kusukela ngo-Agasti 3, iligi isizokwaziwa ngeBetway Premiership.
“Kuningi okushiwo ngokuthi kungani iligi ingeke iqale ngesikhathi,” kusho uKhoza.
“Ngihlala ngithi sisebhizinisini lezindaba. Othile uputshuze incwadi ebiyaziwa amalungu ukuthi angaqali alungise amajezi.
“Lokho kwakuwukuziphatha okungafanele. Ukuxhumana kwethu nomphakathi kuhlezi kukuhle sonke isikhathi.”
UKhoza ukugcizelele ukuthi iligi isasele kwabayishumi abahamba phambili emhlabeni.
“Iligi iqala ngoJulayi 3. Isikhulu esiphezulu sizothumela izinhlelo ezizokhombisa ukuthi kuzokwenzekani.
“Manje sesinoBetway njengomxhasi weligi – iBetway Premiership. Ngiyabonga kwiDStv Premiership.”
Uthe lolu xhaso olweminyaka emithathu kanti imali efakiwe ibalelwa ku-R900-million.
OLUNYE UDABA: UKatsande ufuna indebe kuNabi ukuze alungelwe yizinto
Ukushintshela kwiBetway Premiership kuphawula ushintsho olukhulu kwiligi, okuhloswe ngalo ukugcina isimo sayo njengenye yamaligi aphambili emhlabeni jikelele.
