
UCardoso uveza okwenze aqukule uMkhulise
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, uncome kakhulu u-Siphelele Mkhulise ngemuva kokusiza iqembu lakhe linqobe.
UMkhulise ube yiqhawe esiza iDowns ishaye iTS Galaxy ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Ungene esuka ebhentshini washaya amagoli amabili sekusele imizuzu embalwa, wanikeza aMasandawana amaphuzu amathathu eMbombela Stadium.
UCardoso uthi uMkhulise ubefanele ukunikwa indondo yoMdlali oVelele kulo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi ubefanele ukuba ngumdlali ovelele namuhla, yize noLetsoalo enze umsebenzi omuhle.
“Kodwa namuhla lowo mklomelo ubufanele uPitso Mkhulise ngenxa yalokho ayikho eqenjini nakithi,” kusho uCardoso.
“Ungumdlali ozimisela kakhulu ngoba uyakwazi ukubekezelela izikhathi lapho engafakwa khona eqenjini.
“Kodwa siyazi ukuthi sinomfowethu, umngani, nomdlali osezingeni, futhi uma simfaka siyazi ukuthi uzosenzelani.
“Namuhla usinike inhlanhla ebesiyidinga, amandla ebesiwadinga namagoli.”
Ngemuva komdlalo, u-Miguel Cardodo uthwale u-Siphelele Mkhulise emahlombe wayombeka phambi kwabalandeli ukuze bamshayele izandla.
“Ngimthwale emahlombe ami ngemuva komdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi ngalesi senzo esingajwayelekile.
- FUNDA NALA | UMkhulise ushwebise iGalaxy isithembile
“Ngimhambise phambi kwabalandeli ngoba ubefanelwe ukuthwalwa yimi, njengoba naye esithwalile, wasilethela umphumela ebesiwufuna.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
