UKatsande ufuna indebe kuNabi ukuze alungelwe yizinto
– Intatheli yeLisenethini
UWillard Katsande, owayedlala kwiKaizer Chiefs, unxuse abalandeli baleli qembu ukuthi banike umqeqeshi uNasreddine Nabi isikhathi.
Kodwa khona lapho uthi lo mqeqeshi odabuka eTunisia kumele nakanjani aphakamise indebe ngesizini yakhe yokuqala kulezi zinkunzi zaseSoweto.
UNabi usanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili neChiefs, ehambisana nombandela wokuyelula ngonyaka owodwa.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zithwale kanzima iminyaka eyisishiyagalolunye zingayazi indebe ezandleni zazo.
Ukunqoba kwazo okokugcina kwaba ngesizini ka-2014/15 ngesikhathi zidla isicoco seligi, okuwumkhankaso uKatsande abamba iqhaza elikhulu kuwo.
‘USalt and Vinegar’ ukholwa ukuthi ukuze lo mqeqeshi waseTunisia aphumelele, udinga ukusekelwa yibo abalandeli nezinkakha zekilabhu.
“Siyabona ukuthi uyaphi ngalo msebenzi? Ngoba le phrojekthi, inkulu futhi idinga ukubekezela okukhulu.
“Njengalapho iSundowns ikhona, wonke umuntu uyayijabulela njengamanje,” kusho uKatsande kwi-Arena Sports Show.
“ISundowns iwine iCaf Champions League. Bonke abadlali abasekho kodwa iSundowns isamile futhi isaqinile. Kungenxa yokwakha. Banesakhiwo esihle..
“Cha, (thina kwiChiefs) siqala phansi futhi. Leli thimba elisha labaqeqeshi elikhona, liqala ngathi, izinkakha.
“Singaba nokugxeka okwakhayo? Angisho lokho ngoba nakhu ngilapha…
“Uma simxosha naye, kusho ukuthi kumele siphinde siqale phansi futhi.
“Kudingeka sakhe ngoba noma ungaboni ukuthi uyaphi (uNabi), singalinda uJanuwari bese sibuyekeze lapho eya khona?
“Into engizoyisho kumqeqeshi, angaba nomgomo wesikhashana nje, okuwukuzama ukusiwinela indebe, ukuze afake okuthile ekhabetheni.
OLUNYE UDABA: UMakhaula uchazwe akubone kwabePirates eSpain
“Khona-ke iligi, ungasiyisa kude kangakanani? Ngoba uyaqala, kodwa ngemuva kwamawindi amane okusayina abadlali, singaqala sibheke indlela ahamba ngayo. “