
Ukhabe into ebheke entalashishi uJomo ngoMaswanganyi
- Sibongiseni GUMBI
Amazwi aqinile kaJomo Sono awasho ngoPatrick Maswanganyi, umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, aqubule inkulumompikiswano ebholeni laseNingizimu Afrika.
USono ungumuntu ohlonishwayo ebholeni lakuleli, waziwa ngokulazi ukusuka nokuhlala ibhola futhi imibono yakhe ithathwelwa phezulu.
Kodwa indlela akhulume ngayo ebuzwa ngokunikwa kukaMaswanganyi uNombolo 10 muva nje beyingenasidingo futhi ayakhi.
Okokuqala, uMaswanganyi usajwayela ingcindezi nodumo okuhambisana nokudlalela iqembu eliphezulu njenge-Orlando Pirates.
Ukugxekwa, ikakhulukazi yizinkakha ezinjengoJomo Sono, kunesisindo futhi kungaba nomthelela omubi ekuzethembeni komdlali.
Esikhundleni sempendulo eyakhayo, amazwi kaSono abonakala ehlasela uMaswanganyi, okungase kuthuntubeze ukuzethemba kwakhe.
Abadlali abafana noTito badinga ukukhuthazwa, ikakhulukazi uma beseqenjini elinengcindezi ephezulu.
Ukugxeka okwakhayo kungaba kungaba wusizo, kodwa ukugxeka esidlangalaleni ngendlela enze ngayo uMjomane kuyalulaza kunokwakha.
Okwesibili, uMaswanganyi ukhombise ukuthi angaba ngumdlali omkhulu kwiPirates, kodwa njengoba neSintu sisho, ‘akukho soka lingenasizi salo’.
Ukugxila emaphutheni akhe kuphela akuyona into ongayilindela kumuntu ohlonipheke njengoJomo Sono.
Uhlezi ebuzwa ngabadlali abavelele kwiPirates nokuthi balifanele yini leli jezi elayeka ukuhlonipha yena.
Akakaze abe nolaka kanje empendulweni yakhe. Uyaye ambambathe nje, athi yena akanankinga noma lingaphinde lisetshenziswe.
Ngaphezu kwalokho, abadlali abafana noMaswanganyi baphenduka inje’bomvu uma benconywa.
UJomo Sono, njengoba ayengumdlali ngokwakhe, kufanele akuqonde ukubaluleka kokwesekwa ekuthuthukisweni komdlali.
Ukugxekwa ngasese nokunconywa esidlangalaleni ngokuvamile kuyindlela eba ngcono yokusiza abadlali abanjengoMaswanganyi ukuba balenyuse kakhulu izinga.
Yize isipiliyoni sikaJomo Sono ebholeni senza imibono yakhe ibe yigugu, akukhulume ngoPatrick Maswanganyi bekungenasidingo.
Kodwa ke phela usekhulile bandla, mhlawumbe ulaka nje lokuguga.
OLUNYE UDABA:Â Ranga: UNabi ukhwezele umlilo eNaturena
Ukuthukwa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana nakho kuyafana namazwi akhe, akunasidingo. Lona ke, ngumbono wami!
