
UVusumuzi Vilakazi ucacisa ngecebo lokuvusa iChippa
Umqeqeshi weChippa United, uVusumuzi Vilakazi uvumile ukuthi iqembu lakhe lisenomsebenzi okufanele liwenze.
Uvume nokuthi ufunde lukhulu ekuhlulweni kwabo kanzima yiMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu.
IChilli Boys ibhaxabulwe ngo 4-1 eLoftus Stadium, kodwa uVilakazi ukholwa ukuthi lo mphumela ungase ubasize ukuya phambili.
“Ngisasebenza ngokuniqisa ingqondo… asikalungi kulokho,” kusho lo mqeqeshi osebuya ihlandla lesibili kwiChippa.
UVusumuzi Vilakazi uthe ngesikhathi ejoyina leli qembu, walithola lisesimweni esibi: “Kodwa sekungcono manje kunangesikhathi ngiqala.”
Uveze izinto ezithinta ukuzethemba nokukholelwa eqenjini, wathi abadlali basafunda ukwethemba lolu hlelo.
“Ziningi izinkinga ezikhona… abadlali abazethembi kufthi abakholelwa eqenjini,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Ebholeni, udinga ukubamba umgqigqo bese ungasuki kuwo. Uma uzithela ngabandayo, izinkinga ziyaqala.”
Naphezu kokuhlulwa, uVilakazi ugcizelela ukuthi ukugxila manje sekusekuvikeni izembe nokuthuthuka njengeqembu.
“Ngiyajabula ukuthi sesiqedile ngalo mdlalo. Sisele nontanga yethu manje futhi sidinga ukuncintisana nabo,” kuqhuba yena.
Uma ebheka phambili, uVusumuzi Vilakazi uhlonze imidlalo ezayo — okuhlanganisa noweSiwelele FC — njengebalulekile.
“Senze kahle sibhekene nabo ekuhambeni futhi sabuya nephuzu. Manje sidinga amaphuzu agcwele ekhaya.”
Yize kungase kwenzeke ukuqeda kwabayisishiyagalombili, uVusumuzi Vilakazi uthi into esemqoka icacile.
“Kufanele siqinisekise ukuthi asidliwa yizembe. Asifuni ukuba seduze nezindawo zezembe,” kusho yena.
“Usemningi umsebenzi esisazowenza… kumele sisebenzise ithuba ekhaya futhi sithole amaphuzu amathathu.
“Yebo, singenelwe amagoli amane lapha. Kodwa ssizamile ukuncintisana neSundowns nezihlabani zayo.”
NgokukaVilakazi umlayezo ulula — ukufunda emaphutheni, ukuzithuthukisa, bes eilwela ukusuka engozini.
