
USukazi udalula imali iChiefs ebeyifuna ngayo uMahlambi
Umengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi, usedalule ukuthi nebala i-Kaizer Chiefs yasifaka isicelo sokudayiselwa u-Seluleko Mahlambi.
Nokho uthi wasenqaba lesi sicelo ngoba imali eyayibekwa Amakhosi etafuleni beyingaphansi kwaleyo ayibona ifanele lo mdlali.
USukazi uthi leli qembu laseNaturena lafika kuye liphethe u-R4 million ifuna lo mdlali wasesiswini ohlaselayo oneminyaka engu-22 ubudala.
Ngokwakhe, lo intengo yalo mdlali ingaphezulu kakhulu kwaleyo eyafika naMakhosi.
“UKaizer Junior wabeka etafuleni u-R4 million. Ngabona ukuthi, empeleni, leyo mali ayanele ngokubona kwami,” kusho uSukazi kwiMetro FM ngoLwesine kusihlwa.
Lesi safajwa nguKaizer Motaung Jr, ongumqondisi wezemidlalo kwiChiefs.
USukazi ube esecacisa ngemali iGalaxy efuna ukuyithola ngalo mdlali.
“USeluleko kufanele abize okungenani u-R10 million kuya phezulu,” kuchaza yena.
Lokhu kusho ukuthi iGalaxy ifuna imali engaphezulu ngokuphindiwe kunaleyo eyayibekwe yiChiefs.
USukazi uthi akekho owayefuna ukusuka kwame kukho ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo.
“U-R4 million bekuyinani labo, yena (uJunior) wama kulo, nathi sama kwelethu,” kuchaza yena.
- funda nala | UKANALELO UCACISA EYOKUXABANA NOMDLALI
I-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns nabo bake bamataniswa no-Seluleko Mahlambi, kodwa yi-Kaizer Chiefs kuphela eyafaka isicelo esisemthethweni sokumthenga.
- ezishisayo| COFA LAPHA USITHOLE KUWHATSAPP
