EzintshaKaizer Chiefs

UDa Cruz uhambe neChiefs ‘ixhugela’ ebheke eZambia

Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, useveze izindaba ezikhathazayo njengoba elungiselela umdlalo obalulekile neRed Arrows FC eZambia ngoMgqibelo.

UDa Cruz ukuqinisekisile ukuthi abadlali abalimele abakakalulami, okushiya ithimba labaqeqeshi linenselelo enkulu.

IChiefs izodlala umdlalo wokuqala wesigaba sesibili sokuhlunga kwiCAF Confederation Cup eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola.

“Uma siqhathanisa neqembu ebesinalo izolo (ngoLwesibili bebhekene neStellenbosch FC), lizocishe lifane,” kusho uDa Cruz. 

“Kuzoba noshintsho olulodwa noma ezimbili, kodwa abadlali bethu abalimele abakakalulami. 

“Kuthatha isikhathi, kodwa siyalethemba iqembu lethu esinalo.”

IChiefs izimisele ukubuyela ekunqobeni ngemuva kokudlala ngokulingana emidlalweni yayo emithathu ilandelana kwiBetway Premiership. 

Lokhu sekwenze yasilela kakhulu kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates abazihola phambili kwilogi.

Unozinti uBrandon Petersen, uLebohang Maboe, uLangelihle Phili noSiphesihle Ndlovu baphakathi kwabadlali abangekho eqenjini elibhekise amabombo eZambia.

UFernando Da Cruz uphinde wachaza ngesinqumo sakhe sokusebenzisa uReeve Frosler esiswini ngesikhathi i-Kaizer Chiefs ibhekene neStellenbosch.

Uthe uFrosler uyakwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene futhi unamandla emabholeni asemoyeni.

“Sinezindawo ezimbili lapho abadlali belimele khona, kanti munye kuphela umdlali ophilile ongadlala kulezo zindawo. 

“Ngakho asinazo izindlela eziningi,” kuchaza lo mqeqeshi.

Yize ibhekene nalezi zinselelo, iChiefs izofuna ukuthola umphumela omuhle eZambia ngaphambi komdlalo wasekhaya.

Naba abadlali ehambe nabo:

Onozinti: Ronaldo Leaner, Bruce Bvuma, Takalani Mazhamba.

Abadlali basemuva: Paseka Mako, Thabiso Monyane, Kabelo Nkgwesa, Inacio Miguel, Rushwin Dortley, Zitha Kwinika, Reeve Frosler, Bradley Cross, Thabo Moloisane, Sibongiseni Mthethwa.

Abasesiswini: Thulani Mabaso, Mduduzi Shabalala, Ethan Chislett, Mfundo Vilakazi, Luke Baartman, Asanele Velebayi, Faiz Abrahams.

Abagadli: Flavio Da Silva, Wandile Duba, Etiosa Ighodaro.