DStv Premiership

Ranga: UNabi ukhwezele umlilo eNaturena

Umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro usekhulume ngezinto ezinhle noshintsho olufike nomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi eNaturena. 

IChiefs ilungiselela umdlalo wayo wokuqala kwiBetway Premiership la izobhekana khona neMarumo Gallants eFree State Stadium ngoMgqibelo.

UChivaviro wethemba ukuthi lesi kuzoba yisiqalo esisha eqenjini nakuye uqobo njengoba efuna ukubuyela efomini eyaheha iChiefs. 

Isizini yakhe yokuqala kwiChiefs ibe nzima, akakwazanga ukungena efomini ayekuyo ngesikhathi edlala kwiGallants. 

Kodwa manje njengoba kushintshwe ithimba labaqeqeshi, uChivaviro ubona kuyithuba lesiqalo esisha. 

“Uguquko luhlezi luluhle,” kusho uChivaviro. “Uguquko olwenzeke kwiKaizer Chiefs lukhuphule umdlandla eqenjini. 

“Abadlali abaningi balinyusile izinga, futhi sifuna ukuqhubeka nalowo mfutho ukuze sikwazi ukulethela iqembu imiphumela emihle.”

UChivaviro ufike ngesikhathi esingesihle kwiChiefs, ingcindezi iningi neholele ekushintshweni kwabaqeqeshi maphakathi nayo. 

Nokho indlela yokwenza izinto ehlukile efike noNabi imnika ithemba ngokuthi  iChiefs izophinde ibe yiqembu elingcono. 

“Umqeqeshi uNabi wehlukile. Ngifunde lukhulu kuye,” kwengeza lo mgadli oneminyaka engu-31. 

“Uhlezi esikhumbuza ukuthi iyini iKaizer Chiefs nokuthi kusho ukuthini ukuba lapha kuyo. 

“Uhlezi elindele izinga eliphezulu kithi njengabadlali,” kwengeza uChivaviro oshaye amagoli amane ngesizini edlule. 

UChivaviro noNabi abakaze basebenze ndawonye phambilini kodwa bayazana njengoba bake baba yizimbangi kwiCaf Confederation Cup ngesizini ka-2022/23.

Yikule sizini la uChivaviro ashaya khona amagoli eGallants bebhekene neYoung Africans eyayicijwa uBani ngaleso sikhathi. 

Ekupheleni kwaleyo sizini uNabi wayemfuna uChivaviro kwiYanga ngaphambi kokuthi ayishiye aye kwi-AS FAR Rabat eMorocco. 

“Engxoxweni yethu yokuqala wangibuza ukuthi bekwenzekani ngami, nokuthi yini engiyenzile ngesizini edlule. 

“Ungumuntu othatha isikhathi sakhe ukukwazi njengomuntu nokuthi kwenzekani empilweni yakho okuyinto enhle kakhulu. 

“Ngethemba ukuthi ngizobuyela kuloya Ranga obhakuzisa inethi njalo,” kusho lo mgadli.