EzintshaMamelodi Sundowns

Uthanda ‘igqa’ – u-Andile Jali uveza okungaziwa ngoMosimane

U-Andile Jali useveze uhlangothi lukaPitso Mosimane cishe abaningi abebengalwazi – ngaphandle mhlawumbe kwasebe basebenza naye. 

Laba bobabili basebenze ndawonye kwiMamelodi Sundowns kanti uJali uthi uMosimane ukuthanda kabi ukunakwa ngabezindaba.

Uthi lo mqeqeshi ubevele aphenduke umuntu abangamazi uma nje kunamakhamera nabezindaba eduzane. 

UMosimane uyaziwa ngokuba ngumuntu ozikhulumelayo ngomlomo nangezenzo uma esebhentshini.

Kodwa uJali uthi bekuba kubi kakhulu ejimini uma kuwusuku lwabezindaba. 

Amaqembu ePSL anesibopho somthetho ukuthi abe nezinsuku zabezindaba uma enomdlalo wasekhaya.

Yilapho ke uPitso Mosimane ebephenduka umuntu ohlukile, ngokusho kuka-Andile Jali.

“Besingathandi uma abezindaba bezofika kwiSundowns,” kusho uJali kwi-Arena Sports Show Podcast muva nje.

“Ngoba wayezokwenza ihaba ngakho konke akwenzayo. Noma ngabe yini ayenzayo, wayebheka ukuthi abantu bezindaba bayambona yini.

“Wayeze enze izimpawu ngezandla esingazazi ngenxa nje yokufuna ukuthi bamnake. 

“Kwesinye isikhathi ubekuthethisa, kodwa ebe ebheke lapho kukhona abezindaba, wena ube ngemuva kwakhe.”

U-Andile Jali noPitso Mosimane basebenze kahle ndawonye futhi banqoba izindebe eziningi phakathi kuka-2018 no-2022. 

Lo owake wacija iBafana Bafana phambilini okwamanje akanalo iqembu asebenza kulo.

Lokhu kungemuva kokugila izimanga eNorth Africa naseMiddle East kule minyaka embalwa edlule. 

Khonamanjalo uJali yena usethathe umhlalaphansi eneminyaka engu-35, futhi manje usezogxila emabhizinisini akhe.