EzintshaKaizer Chiefs

UJosta Dladla ukhathazekile ngoweChiefs ‘onomzwangedwa’ 

Inkakha yeKaizer Chiefs, uJosta Dladla, isiveze ukukhathazeka ngesimo somqondo somunye wabadlali baleli qembu. 

UDladla ubona kunesimo esinganakiwe esibhekene noNkosingiphile Ngcobo, esimenza angakwazi ukubuyela ekubeni wumdlali abenguye phambilini.

UNgcobo uke wabonakala eza kahle kwiChiefs, kodwa wabe eselimala, wahlala isikhathi eside engadlali.

Useluleme ngokugcwele futhi usebuyele eqenjini kodwa ubukeka engakangeni efomini ayekuyo njengoba nejezi eselithola amacozucozu nje. 

“Lo mfana akasadlali manje kwiKaizer Chiefs… UNgcobo ungomunye wabadlali abahle kabi uma besebholeni.

“Unengqondo yebhola, ungumdlali  omuhle kakhulu,” kusho uDladla kwiPodcast yakhe, Izinja zeGame Podcast yakamuva. 

“Kodwa umqondo wakhe awukho kahle. Kukhona okumthikamezile emqondweni wakhe… “IChiefs kumele ikubheke lokho, mhlawumbe imfunele nodokotela wengqondo azokhuluma naye,” kuchaza uZwane. 

Enye inkakha yeChiefs, uGeorge Lebese, obeyisivakashi kulesi siqembu se-Izinja zeGame uthe uNgcobo udinga ukukhonjiswa uthando njengamanje.

“Yisikhathi la adinga khona kakhulu uthando, mkhombise uthando ukuze abuyelwe wuthando lomsebenzi wakhe. 

“Ngethemba ukuthi le ngxoxo yethu izofika emadlebeni akhe, bese ayilungisa le yomqondo khona manje, angayiyekeleli,” kusho uLebese.