
UBaloyi uxwayisa uDa Cruz ngesimo esinzima sikaPetersen
Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBran Baloyi, usexwayise umqeqeshi waleli qembu, uFernando Da Cruz, ngesimo esibhekene no-Brandon Petersen.
UPetersen wenze amaphutha amaningi adlisele iChiefs kakhulu selokhu kuqale isizini.
Elakamuva lenzeke ngoMgqibelo ngesikhathi iChiefs ibhekene nePolokwane City, lapho ibhola lazishayisa kuye ladlulela enethini.
UBaloyi uthi uPetersen udinga ukubuyela ezintweni ezilula ukuze aphinde athole ukuzethemba.
“Lesi simo abhekene naso uBrandon sinzima, kodwa yisimo abadlali abaningi ababhekana naso.
“Uma uzithola ubhekene naso, kumele ubuyele ekwenzeni izinto ezilula,” kusho uBaloyi.
“Nokuthi abantu abasondelene nawe, okufaka nomqeqeshi wonozinti, bakweseka kanjani kubalulekile ukuze ubuyelwe yisimo esikahle somqondo.”
U-Brian Baloyi uthi lezi zinkinga sezivele ziba yinto evamile ku-Brandon Petersen.
“Wenza amaphutha amabi cishe umdlalo nomdlalo kusukela kuqale isizini,” kuqhuba yena.
“Kwesinye isikhathi uma ungunozinti kuyenzeka wenze iphutha kodwa kungabi yigoli.”
Ube esephakamisa ukuthi uDa Cruz angase adinge ukumbeka ebhentshini lo nozinti ukuze amnike isikhathi sokuzilungisa.
“Ngiyaqonda kunzima kanjani kumqeqeshi,” kusho uBaloyi. “Ngiyaqonda ukuthi ukaputeni wakhe lo.
“Ukumbeka eceleni kunzima. Kodwa ngokwami, ukumenzela iqiniso yena nabadlali nabanye onozinti…
“Ukuze azivuselele, udinga ukubuyela ebhentshini ukuze azicasukele, bese ezilungisa. Abuye eselambe kakhulu.”
UBaloyi uthi ziningi izinto ezingase zibe nomthelela ekwehleni kwefomu ka Petersen kule sizini.
“Kungaba wukuthi uphuthelwe yiNdebe yoMhlaba ekubeni ebezibone enze kahle ngesizini edlule.
“Kuningi okungenzeka kunomthelela kulokhu kusebenza kabi kwakhe.
“Uma eneqiniso kuye uqobo, uyazi naye ukuthi akenzi kahle,” kwengeza le ngwazi.
U-Brian Baloyi ugcizelele ukuthi ikhefu lingamsiza u-Brandon Petersen ukuthi abuye esenamandla ngokwengqondo.
- FUNDA NALA | Isililo kushona owodumo lwe‘Ubani ikhehla’
“Into ezolimaza uBrandon… wukuthi uma umqeqeshi engayeki ukumdlalisa, ekhanda lakhe uzozitshela ukuthi nguye nguuye.
“Kanti-ke ngeke kulunge kube nomdlali ocabanga kanjalo eqenjini,” kusho uBaloyi.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
