Bafana BafanaEzintsha

UBroos usebheke omunye umlando neBafana 

UHugo Broos usezifake emabhukwini omlando ebholeni lakuleli eba ngumqeqeshi wokuqala ukufaka iBafana Bafana kwiCaf Africa Cup of Nations kabili kulandelana.

Lo mqeqeshi uqophe umdlalo wakhe ka-40 ecija iBafana ngokubhudluza iSouth Sudan ngo 3-0 eCape Town Stadium ngoLwesibili kusihlwa. 

IBafana beyiye kulo mdlalo seyivele izibekisele indawo kwi-Afcon ka-2025 ezoba seMorocco ngonyaka ozayo.

“Into ebibaluleke kakhulu wukuthi singene kwi-Afcon,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.

“Kodwa besifuna nokukhombisa laba balandeli abalapha okuthile, futhi ngikholwa wukuthi siphumelelile kulokho. 

“Sakhe inqwaba yamathuba okushaya amagoli – sashaya amagoli amathathu; umdlalo bewumuhle, ngakho ngijabule kakhulu. 

“Into engiyithande kakhulu wukuthi abadlali bebezimisele ukushaya amanye amagoli; befuna ukujabulisa laba balandeli. 

“Wonke umuntu olapha ujabule, ubuke umdlalo omuhle – sonke sijabule,” kwengeza uBroos. 

Yize esazoba nesikhashana sokuphumula, kodwa umqondo kaBroos uzobe usuqalile ukuhlelela imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

IBafana seyidlale imidlalo emine kanti isendaweni yesibili ngemuva kweRwanda – bayaligana ngamaphuzu ayisikhombisa.

NeBenin esendaweni yesithathu inamaphuzu ayisikhombisa. Kuleli qoqo kukhona neNigeria neZimbabwe. 

“Sisuka kude njengeqembu. Sesike saba nemidlalo emihle phambili okufaka nokuthola indondo yethusi (kwi-Afcon ka-2023).

“Ngiyacabanga ukuthi manje sesingasho singesabi ukuthi sineqembu elihlangene kahle.

“Ezinyangeni ezine ezizayo, sizophinde sibe neminye imidlalo ebaluleke kakhulu,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eBelgium. 

“Siyazethemba, yize sisazodlala, kodwa nginethemba lokuthi nakhona sizophumelela ukungena (kwiNdebe yoMhlaba). 

“Ngake ngaba khona kwiNdebe yoMhlaba ngisengumdlali, manje into ezongenelisa emsebenzini wami njengomqeqeshi… 

“Kungaba yinto enhle kakhulu, kodwa hhayi nje kimi kuphela, naleli zwe selilinde isikhathi eside ukuba seNdebeni yoMhlaba.

“Nabadlali, basebenze kanzima kule minyaka emithathu edlule, futhi kuyabonakala la sikhona manje – iNingizimu Afrika seyineqembu elihle.”