
UHlungwani akazi usinde kanjani oweKaizer Chiefs kwelibomvu
Owayengunompempe weFifa uVictor Hlunguni ukholwa ukuthi akekho umdlalo onenhlanhla njengoSiphesihle Ndlovu weKaizer Chiefs.
Uthi namanje usamangele ukuthi uNdlovu ube usinde kanjani ekutholeni ikahdi elibomvu emdlalweni weChiefs neMamelodi Sundowns ngesonto eledlule.
Lezi ziqhwaga ezimbili zidlale ngokulingana ngo 1-1 eLoftus Stadium emdlalweni obudle ngokuqina konyawo.
Bobabili uMduduzi Shabalala noKeanu Cupido baphuthunyiswe esibhedlela kulandela ukulimala kabi kuwo lo mdlalo.
UJayden Adams weSundowns ugcine yena ekhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokuzama ukuthenga amehlo kanompempe.
Kodwa uHlunguni ukholwa ukuthi yilesi siqongwane seKaizer Chiefs esinguNdlovu obekumele ngabe sasheshe sakhishwa.
Ekhuluma kwiSoccer Zone, uHliungwane uthe into eyenziwa uNdlovu kuCupido yayiwukungcola okufanelwe yikhadi elibomvu.
“Idolo eliye kuCupido belibeka engcupheni ukuphepha kwakhe,” kusho uHlunguni.
“Bekufanele kube yikhadi elibomvu ngokushesha.”
Ngokusho kukaHlungwani, lo mdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uqhubekile nokuphunyula umdlalo wonke.
Ubalule ukudlalisa kwakhe kabi uKhuliso Mudau waphinde wamsola ngokuklinya uTashreeq Matthews ngokuhamba kwesikhathi.
“Ubelokhu esinda. Wasinda ngenhlanhla eLoftus,” kwengeza uHlungwani.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef yena wamvikel lo mdlali wakhe ngemuva komdlalo.
“Yindlela adlala ngayo leyo. Yini inkinga ngoNdlovu? Angiqondi,” kusho yena.
